‘Umay’hlokoza’ iSundowns ivuthulula iChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Kube sengathi yenza ‘umay’hlokoza’ iMamelodi Sundowns ishaya iKaizer Chiefs ngo 4-0 emdlalweni weCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku.
Kwakube nokukhala ngesikhathi iSundowns ishaya iChiefs emdlalweni weligi ngo 2-1 ngenyanga edlule.
Kwakhalwa ngokuthi ibanjelwe unompempe, kwasuka izinkulumo eziningi kodwa ngoMgqibelo yenze isiqiniseko sokuthi akusali zinkulumo.
ISundowns beyizigelezela umdlalo uqala waze wayophela futhi inbingashaya amanye amagoli amane ngaphezu kwalawa ewashayile kulo mdlalo obuseFNB Stadium.
Igoli lokuqala leSundowns lingene ngomzuzu ka-14, okube yiphenathi evalelwe enethini u-Iqraam Rayners.
Ubuyile lo mgadli nangomzuzu ka-22, washaya elesibili, kwabe sekuthi uPeter Shalulile washaya elesithathu ngomzuzu ka-40, kwayiwa ekhefini kungu 4-0.
Ekuqaleni kwesiwombe sebilili kuvele kwacaca ukuthi izinto zizobhimba kakhulu kwiChiefs u-Inacio Miguel ephuma ngekhadi elibomvu.
ISundowns ibe seyithola elesine elishaywe nguKhuliso Mudau ngomzuzu ngo-66, kwavele kwadela nabalandeli beChiefs.
Bake kwangathi bayalwa ngasekuqaleni komdlalo ngesikhathi kungena amagoli okuqala, kodwa umdlalo uphele sebeziculela, bebungaza iqembu labo.
ISundowns seyijoyine iRichards Bay emaqenjini asengene esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.
Amanye amaqembu amabili azongena kulesi sigaba azocaca ngeSonto uma sekuphothuliwe imidlalo emibili esele.