Ifakazele uNabi iChiefs ibanjwa yiRoyal AM
- Sibongiseni GUMBI
UNasreddine Nabi, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, usekusho kaningi ukuthi yize kunuka kahle akuphekayo, abalandeli ababambe ulobi.
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia uthe ibhodwe aliphekayo eNaturena lisekude kakhulu nokuthi livuthwe.
Lokhu ukusho kulandela ukunqoba kwaleli qembu lakhe, lishaya iRichards Bay ngo 2-1 ngoLwesithathu.
Uthe abalandeli abasheshi bajabule ngoba iqembu alikadlali ngendlela afuna ngayo, futhi alikabi bukhali ngale ndlela ayifunayo.
Kufakazelekile ke lokhu ngoMgqobelo ebusuku idedela iRoyal AM ukuthi ibuye kade seyilandela ngemuva ngo 2-0, umdlalo waphela sezibambene.
Kuke kwabukeka lo mdlalo uzoyihambela kahle iChiefs njengoba ilishaye ngomzuzu wesihlanu igoli lokuqala ngonyawo luka-Ashely Du Preez.
Ibe seyengeza elesibili ngomzuzu ka-13, nelishaywe nguWandile Duba, kwaba sengathi izozidlela amahlanga.
Nokho isiwombe siphele sekucaca ukuthi iRoyal AM kukhona engakuthola kulo mdlalo uma ingaqinisa.
Nebala isehlisile isigwebo sayo ngomzuzu ka-51, u-Ayabulela Maxwele eyibuyisela emdlalweni ngegoli elenze kwaba u 2-1.
Kuthe umdlalo sewuyophela, yalintshontsha iphuzu iRoyal AM ngegoli likaLevy Mashiane alishaye ngomzuzu ka-89.
Indlela iRoyal AM eyihlakaze kalula ngayo iChiefs ikhombisile ukuthi usemningi umsebenzi okumele wenziwe eNaturena.