
Ucashe ngasithupha uRulani Mokwena ebuzwa ngeyePirates
Obengumqeqeshi weWydad Athletic, uRulani Mokwena, useveze ukuthi yena akazi lutho ngezingxoxo okuthiwa ziphakathi kwakhe ne-Orlando Pirates.
Kodwa uvumile ukuthi angacabanga ukubuyela kwi-Orlando Pirates uma kwenzeka ethola isicelo esinjalo.
Lo somaqhinga oneminyaka engu-38 ubudala usanda kuhlukana neWydad ngemuva kokuyiholela endaweni yesithathu kwiBotola Pro I.
Imizamo yakhe isize le kilabhu ukuthi ibuyele emiqhudelwaneni yamaqembu yeCaf njengoba ethuthukise indawo yayo kwilogi – isuka kweyesithupha iya kweyesithathu.
Phezu kwale nqubekela phambili, uMokwena ushiye iWydad ekupheleni kwesizini kanti njengamanje akanaqembu.
Igama likaMokwena limataniswa nesikhundla somqeqeshi kwiPirates nje yingoba asinamuntu kulandela ukushiya kukaJose Riveiro.
Phambilini uke wasebenza ethimbeni laaqeqeshi kulezi zinkunzi zaseSoweto futhi unobudlelwano obuqinile namaBhakabhaka.
Nokho, ekhuluma kwiSoccer Africa, lo mqeqeshi uveze ukuthi yena akazi lutho olusemthethweni ngala mahlebezi.
“Angazi. Ngisanda kubuya kuleli,” kusho uMokwena. “Uma ngikhuluma iqiniso, angazi (mayelana nePirates).”
Ebuzwa ukuthi angaya yini ukuyoqeqesha leli qembu uma engabizwa, uRulani Mokwena uphendule kahle.
“Yebo yinto engingayicabanga. Yikilabhu enkulu futhi isenabantu abasondelene kakhulu nami nabasenhliziyweni yami,” kusho yena.
URulani Mokwena uphinde wancoma usihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza, ethi ngomunye wabantu ababe nomthelela omkhulu emsebenzini wakhe wokuqeqesha.
“Ngimthanda kakhulu uKhoza. Uzohlala enendawo ekhethekile enhliziyweni yami,” kwengeza uMokwena.
“Ngibe nenhlanhla yokufunda kubaholi bebhola abathathu abahamba phambili ezwenikazi uKhoza, uPatrice Motsepe, nomengameli we-Wydad uHicham Ait Menna.”
Utuse lezi laba baholi abathathu ngokubumba ulwazi lwakhe lwebhola, amakhono obuholi, nokukhula kwakhe njengomuntu.
Njengoba i-Orlando Pirates ithungatha umqeqeshi omusha ngaphambi kwesizini ka-2025/26, akumangazi ukuvela kwegama likaRulani Mokwena.
Ukuthi uzobuyela yini noma kuzoqashwa omunye kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi, kodwa umnyango wona uvulekile.
