
UFawaaz Basadien uphawula ngokumataniswa namakhulu
Umdlali wasemuva kwesokunxele weStellenbosch FC uFawaaz Basadien useveze isifiso sakhe sokuthuthela kwelinye lamaqembu amakhulu.
UFawaaz Basadien, ongumdlali wasemuva weBafana Bafana, sekunesikhathi eside kukhulunywa ngaye, emataniswa namaqembu amakhulu.
IKaizer Chiefs ikhombise intshiseelo enkulu ngaye esikhathini esedlule, kodwa kubikwa ukuthi isicelo sayo sachithwa.
IMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates nabo sebeke bamataniswa naleli nxele.
Nokho iStellies ivele yabophezela uBasadien kwinkontileka yesikhathi eside ngonyaka odlule.
Lokhu kusho ukuthi noma yiliphi iqembu elimfunayo kuzomele likhokhe imali enkulu yokumthenga.
IStellenbosch isanda kudayisa abadlali abafana noJayden Adams no-Iqraam Rayners kwiSundowns, noDeano van Rooyen kwiPirates.
Futhi manje uFawaaz Basadien angase abe ngolandelayo, kodwa kuphela uma iStellenbosch ivuma.
UBasadien ubuzwe ngekusasa lakhe emhlanganweni nabezindaba ngaphambi komdlalo weStellies owandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup.
“Angazi, njengamanje anginaso isiqiniseko,” kube yimpendulo yakhe esheshayo lena.
Nokho ukugcizelele ukubaluleka kokuqhubeka nokugxila emsebenzini wakhe kwiStellies yize ewezwa amahlebezi amkitazayo.
“Umsebenzi wami ubungelula,” kuqhuba yena. “Ngihlangabezane nezimo ezingezinhle eziningi.”
UBasadien wengeze ngokuthi ukuzehlisa, azikhandle emsebenzini wakhe kumsizile ukuthi akhule.
“Engikwaziyo wukuthi nginenkontileka neStellenbosch,” kuchaza yena.
“Mina ngigxila kulokho engingakwazi ukukulawula ngaleso sikhathi.”
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uvumile ukuthi unephupho elikhulu lokuthi ngelinye ilanga ayodlala kwelinye lamaqembu amakhulu.
“Nakanjani. Phela kuyiphupho lawo wonke umdlali ukuthi athuthele ekilabhini enkulu,” kusho uBasadien.
“Kimina, lokho kuphinde kube wumgomo engizibekele wona.”
Kodwa okwamanje, nokho, ukugxila kwakhe kusekusizeni iStellies iphinde ibe nenye isizini enhle.
Ufuna ukusiza iStellies ukuthi ifinyelele futhi inqobe owamanqamu weCaf Confederation Cup.
“Ngifuna ukudlala kuze kuphele isizini futhi ngisize iqembu lami lapho ngidingeka khona,” kwengeza yena.
