Ezintsha

UChabangu uveza ubuhlungu adlule kubo ngenxa yophuzo

Le nsizwa eneminyaka engu-39 ubudala ivule isifuba ngempi yayo yokuluthwa utshwala nohambo lwayo lokuzikhulula kulo noxhaka.

ULerato Chabangu udlale emakilabhini aphezulu njengeMamelodi Sundowns, iSuperSport United, neMoroka Swallows ngezikhathi zakhe. 

Kodwa ngemva kokubeka amakhokho ethala, walutheka, wangena waphelela ekuphuzeni utshwala ngokweqile.

NgoFebhuwari 8 kulo nyaka, wangena eHope of Achievers Rehabilitation Centre eLimpopo. 

Bekungesona isinqumo esilula. “Ngabona ukuthi kufanele ngilungise impilo yami,” usho kanje kwiTimesLIVE.

UChabangu wathintwa yi-NRKL Foundation, okuyinhlangano engenzi nzuzo, yacela ukumsiza. 

Ulukhumbula kahle usuku asuka ngalo ekhaya eyolungisa impilo yakhe, kanti uluchaza ngokuthi kwakungolosizi.

Kwadingeka ahambe kade eqeda kungcwaba isihlobo sakhe. 

Noma kunjalo, wayazi ukuthi kwase kuyisikhathi soshintsho. 

Manje, ngemva kwezinyanga ezine, uLerato Chabangu usefunda amakhono abalulekile okuphila. 

Lokhu kufaka phakathi ukuziphendulela, ukuzibamba, nendlela yokulawula ingcindezi nokomela amanzi amponjwana. 

Yize azi ukuthi inselelo yangempela izofika ngemuva kokuphuma kulesi sikhungo esebuyele emphakathini, uChabangu uyazethemba.

“Konke kuhamba kahle. Akusensuku zatshwala ukuthi ngaphambi kokuthi ngiphume kulesi sikhungo,” kuqhuba yena.

Njengamanje wenza izifundo zokuqeqesha futhi unethemba lokuthi uzobuyela ebholeni ukuyosiza abadlali abasebancane.

UChabangu ubonge i-NRKL Foundation, ithimba labahlumelelisa isimilo, nabasondelene naye abebemeseka. 

“Abazange bangilahle… Ukungesekela kwabo kunginika amandla.”

Umlayezo wakhe kwabanye ababhekene nenkinga efanayo: “Ungalilahli ithemba. Hlala unethemba futhi ucele usizo.”

Usihlalo we-NRKL Foundation uNoko Ronnie Lesudi uncome inqubekelaphambili kaChabangu. 

“Wafika egcwele intukuthelo nokuzenyeza. Manje usejabule futhi unikeza nezeluleko kwabanye.”

ULesudi ubonge abantu abafana nomsakazi webhola uBaba Mthethwa, iStar Sign FC, umsakazi weThobela FM uMatome Lebeya, no-Alpheus Mokaba.

Isikhulu esiphezulu seHope of Achievers, uWatson Luandi, naye ukuncomile ukuzinikela kukaChabangu. 

“Wafika edonsa kanzima, kodwa wenza inqubekelaphambili emangalisayo.”