AmaZuluEzintsha

Ucashe ngesithupha owaMaZulu ebuzwa ngoNurkovic

Umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, uvele wacasha ngesithupha ngesikhathi ebuzwa ngamahlebezi okuthi leli qembu selivuselele intshisekelo yalo kuSamir Nurkovic. 

Lo mgadli oneminyaka engu-32 ubudala usanda kukhululeka ukujoyina noma liphi iqembu ngemuva kokushiya i-TS Galaxy.

UNurkovic uke waba sohlwini llwabafunwa AmaZulu, kodwa abangavuelana ngezimali nemihlomulo. 

Lo mgadli odabuka eSerbia ujoyine i-TS Galaxy ngesizini ka-2022/23, uhlukane nekilabhu ngesonto elidlule. 

Ukuhamba kwakhe kuqubule amahlebezi okuthi angase aye kuMaZulu, njengoba ake aba nentshisekelo ngaye phambilini. 

Nokho, impendulo kaMartin emibuzweni emayelana nokuvuselela uthando lwabo ngoNurkovic ikhombise ukuthi wudaba aluthatha ngokucophelela. 

UMartin uchaze ukuthi nakuba AmaZulu engase alande abadlali abathile, izinqumo zisekelwe esikhathini nezidingo zeqembu. 

“Kwesinye isikhathi singakhomba abadlali, kodwa izinto zishintshe,” kuphendula uMartin. 

Lo mqeqeshi ukugcizelele ukuthi njengamanje leli qembu liyazethemba ngesikwati elinaso futhi akukho elisakuxoxile ngoNurkovic.

“Lona umbuzo womqondisi weqembu. Angazi ukuthi izinto zimi kuphi nalo mdlali,” kusho uMartin. 

Wengeze ngokuthi uma kuvela ithuba lokuqinisa iqembu, ikilabhu ingase icabange kabusha, kodwa njengamanje ekukho okusha ngoNurkovic.

Khonamanjalo, i-FARPost ibika ukuthi iSuperSport United yiyo esiqhamuke kuqala nesifiso sokusayina lo mgadli.

Leli qembu laseTshwane libheke ukuqinisa isikwati salo kulandela ukulimala komgadli walo, uBradley Grobler. 

Ekuqaleni kwalelo sonto, iLisenethini ibike ukuthi inhliziyo kaNurkovic ikwiKaizer Chiefs kodwa leli qembu alikasho lutho ngaye.

UNurkovic engasayina noma sekuvalwe iwindo lokudayiselana ngabadlali kwazise akanaqembu njengamanje.

Leli windi lizovalwa ngoLwesihlanu ebusuku, kanti kuningi okubhekiwe ngaphambi kokuvalwa kwalo.