EzintshaOrlando Pirates

URiveiro ucacisa eyokusula kwiBucs, uphika eyokuba umnqolo

Njengamanje uJosé Riveiro useMiami, e-USA, lapho esekhempini neziqhwaga zase-Egypt i-Al Ahly ngaphambi kweFifa Club World Cup. 

Ngesikhathi kuvela ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe kwiPirates, kwavela amahlebezi okuthi kungoba ukhumbule umndeni wakhe. 

Kodwa ekhuluma kwiSports Nights Amplified ngoLwesine, uRiveiro uwachithile lamahlebezi wabe eseveza isizathu sakhe sokushiya kwiPirates.

“Cha, lokho bekuyindaba exakile nje engingayazi ivelapho mayelana nesinqumo sami. 

“Angikaze ngithi ngiyahamba ngenxa yokuba kude nomndeni, noma ngenxa yezinto zomndeni, noma okunye okunjalo,” kuchaza uRiveiro.

Esikhundleni salokho, lo mqeqeshi waseSpain uveze ukuthi isinqumo sakhe besimayelana nesikhathi, ukukhula, nokwamukela inselelo entsha.

“Bekumayelana nomuzwa wokuthi isikhathi sami ekilabhini sibe sihle futhi ngethemba ukuthi kuwo wonke umuntu, kwabe sekufika isikhathi sokushiya. 

“Ngicabanga ukuthi kuhle ukunika iPirates ithuba lokuqhubeka ngendlela ehlukile, izame ukuthola inselelo ehlukile.

“Nokuthi ikilabhu iphinde ithole umuntu ozoqhubeka nohambo futhi anyusele iqembu kwelinye izinga,” kusho uRoveiro.

UJosé Riveiro uhole iPirates ngempumelelo, wayinqobisa izindebe ezinhlanu ngesikhathi eseNingizimu Afrika. 

Uchaze ukuthuthela kwakhe kwi-Al Ahly njengendlela engcono kakhulu yokuzithuthukisa yena uqobo nomsebenzi wakhe.

“I-Al Ahly nayo iyiklabhu ekunikeza inkundla yokuqhubeka nokukhula nokunqoba. 

“Bekuyiyona engiyibone ingcono kakhulu uma kumele ngiqhubeke nokuthuthuka kwami ebholeni,” kwengeza yena.

UJosé Riveiro ugcizelele ukuthi indlela akhule ngayo kusukela emncane, yena akayena umnqolo ozokhala ngokukhumbula ekhaya.

“Ngikuwayele ukuba ngedwa. Ngijwayele ukuba kude nakho konke engikujwayele. Ngijwayele ukugxila emsebenzini wami — futhi yilokho engizokwenza nalapha kwi-Ahly.”

Ukuphawula kukaJosé Riveiro kuqede amahlebezi futhi kwaqinisekisa isifiso sakhe sokuqhubeka nokukhula ebholeni.