
U-Ox uveza isinongo esisize iChiefs ipheka iDurban City
USibongiseni “Ox” Mthethwa usebalule ukubambisana nokusebenzisana ngokungabukelani phansi njengesinongo esiletha impumelelo kwiKaizer Chiefs.
Lo mdlali wasesiswini uqokwe njengoMdlali oVelele ngoLwesihlanu ebusuku iChiefs iguqisa iDurban City ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Igoli leChiefs lishaywe nguFlavio Da Silva ongene esuka ebhentshini, wangqofa ngobuchule ibhola abeligotshelwe nguGaston Sirino sekubalwa imizuzu uphele umdlalo.
Ekhuluma ngemuba komdlalo, u-Ox uqale wakhala ngokuthi bekumele ngabe basheshe baqeda ngalo mdlalo ngokushaya amagoli kusenesikhathi.
“Yebo ngijabulile impela, kodwa lona ngumdlalo okufuze ngabe kade siqedile ngawo,” kusho uMthethwa.
“Kusukela ekuqaleni, bekumele sibe nokuzethemba, sibambe ibhola isikhathi eside – kodwa ekugcineni okubaluleke kunakho konke ukusebenzisana njengeqembu.
“Buka nje njengamanje ukubaluleka kwawo wonke umdlali. USilva ungene esuka ebhentshini wafike wasishayela igoli.
“Lokho kusho ukuthi ukubambisana njengeqembu nokuba munye kusiholela ezintweni ezinhle.
“Okubaulekile njengamanje wukuthi sithathe lamaphuzu amathathu sidlulele phambili, sibheke umdlalo olandelayo.”
Lena bekuyiwini yokuqala yeChiefs kwiBetway Premiership ngemuva kwemidlalo emine kanti u-Ox ufuna bakhele kuyo.
“Kusukela emdlalweni wethu odlule weCaf, ukunqoba lowa mdlalo kusinike ukuzethemba nomgqigqo ukuthi sikwazi ukuqhubekela phambili.
“Okubalulekile njengamanje ukuthi siqhubeke nokubamba umgqigqo ukuze sinyuke kancane kancane. Okuhle wukuthi ngalamaphuzu amathathu siyanyuka.”
FUNDA NALA | UNkota noMokwana bahlabe umxhwele eSaudi
Emdlalweni olandelayo iChiefs izobe isekhaya eFNB Stadium la izokwamukela khona omakoti beligi i-Orbit College.
