
U-Osimhen ufake inhlabathi ekudleni kweBenin – uyigugu eNingizimu Afrika
Umgadli waseNigeria, uVictor Osimhen usematheni eNingizimu Afrika cishe ukwedlula nangakubo eNigeria.
Lokhu kulandel ukuthi efake inhlabathi ekudleni kweBenin, eshaya amagoli amathathu aqede ngamathuba ayo okungena eNdebeni yoMhlaba.
Lamagoli ka-Osimhen – ehambisana nelikaFrank Onyeka – size iNingizimu Afrika ukuthi iqede iqwhakele kuGroup C, nokuyenze yangena igijima kulo mqhudelwano.
IBafana beyiye emdlalweni wayo idinga ukunqoba kwiRwanda, kodwa ngaphezu kwalokho beyidinga ukuthi iNigeria ishaye iBenin.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Khona noma ngabe bebedlale ngokulingana, iBafana bekusazoyilungela ngoba ikwazile ukushaya amagoli amathathu abedingeka emdalweni wayo.
Kodwa ukunqoba kweNigeria kwenze izinto zaba lula kakhulu eqenjini likaHugo Broos elingene eNdebeni yoMhlaba ngokuhlunga okokuqala kusukela ngo-2002.
FUNDA NALA | Iqophe umlando iBafana ibuyela eNdebeni yoMhlaba
Lagcina ukudlala eNdebeni yoMhlaba ngo-2010 ngesikhathi lomqhudelwano ukuleli.
Bephawula ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bathe u-Osimhen kumele asikelwe isiza kuleli ngoba usenzele umsebenzi omkhulu.
