EzintshaMamelodi Sundowns

Kuthiwa abamazi nhlobo eBrazil uRibeiro

Nokho, kuvela ukuthi akaziwa nhlobo ezweni lakubo, eBrazil.

Lo mgadli oneminyaka engu-26 ubudala ujoyine iSundowns ngesizini ka-2023/24. 

Emkhankasweni wakhe wokuqala, ushaye amagoli angu-16 wakhela ozakwabo ayisithupha.

Umthelela wakhe uqhubekile nangesizini ka-2024/25, njengoba enamagoli angu-16 emidlalweni engu-32.

Naphezu kwefomu yakhe encomekayo, owayengumdlali we-Orlando Pirates uFreitas Camilo uthi uLucas Ribeiro akaziwa eBrazil. 

Ekhuluma ne-SNL24, uCamilo uthe, “Okuxakayo ngalokhu ukuthi asimazi nhlobo uRibeiro Costa lapha eBrazil.”

Wengeze ngokuthi iBrazil iyona edayisa kakhulu abadlali bebhola kwamanye amazwe, okwenza kube nzima ukuthi abanye abadlali bathole ukuhlonishwa. 

“Sinabadlali emhlabeni wonke, abanye sebedlalela amaqembu esizwe ahlukene emhlabeni jikelele,” kuchaza uCamilo.

Kuke kwaba nezingxoxo zokuthi uLucas Ribeiro angase adlalele iBafana Bafana uma esefanelekele ukuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika. 

Ukwenza kahle kwakhe kumenza abe ngumdlali oqinile ebholeni lamazwe ngamazwe.

I-Sundowns izodlala kwiFifa Club World Cup e-United States ngoJuni. 

Lo mqhudelwano ungaba yithuba likaLucas Ribeiro lokuzibonakalisa ezingeni lomhlaba. 

Uma iBrazil ingamnaki, iNingizimu Afrika ingase isebenzise lelo thuba imthathe imenze owakuleli.

Kodwa lokho kusekude njengoba umqeqeshi weBafana wamanje uHugo Broos amchitha.

Okwamanje, uRibeiro usengumdlali obalulekile kwiSundowns njengoba iqhubeka nokubusa kwiPremier Soccer League.