EzintshaKaizer Chiefs

UNabi useyakwazi akudingayo ukwakha iChiefs kabusha

UNasreddine Nabi, othathe izintambo ekuqaleni kwale sizini, ubephawula ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs ihlulwe kabuhlungu yiRichards Bay FC ngo 2-0 eKing Zwelithini Stadium ngempelasonto. 

Lo mphumela uphawule ukuhlulwa kwayo okwesishiyagalolunye emidlalweni engu-22 yeBetway Premiership kule sizini.

“Kuyiqiniso ukuthi sakha kabusha, kodwa iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs alakhiwa kabusha ezinyangeni eziyisithupha noma eziyisikhombisa. 

“Sidinga isikhathi esengeziwe,” kusho uNabi kwabeSABC Sport. Nokho uyazethemba ukuthi basendleleni efanele njengoba sebekubonile okumele bakwenze.

“Okubalulekile ukuthi sesazi kahle ukuthi yini okumele sakhele phezu kwayo.”

IKaizer Chiefs akuyihambeli kahle kule sizini ngenxa yokungabambi umgqigqo, kanti ubuthuntu bayo phambili buphinde bahlala obala ibhekene neRichards Bay. 

Nokho, uNabi uphinde wacacisa isitatimende sakhe sangaphambili mayelana nokuswela kwabo umgadli kulo mdlalo.

“Angikaze ngisho ukuthi sidinga umgadli omusha. Ngithe besingenaye umgadli oqatha kule ndawo. 

“Ukungabi bikho kukaTashreeq Morris noma uRanga Chivaviro kungenzeka ukuthi kube nomthelela,” kuchaza lo mqeqeshi.

Lo mqeqeshi odabuka eTunisia ukugcizelele ukuthi umgadli eyedwa ubengeke azixazulule izinkinga zabo phambili. 

“Besidinga ukuthi sibe bukhali kangconywana ikakhulukazi uma sesisondela epalini lezimbangi futhi sikhahlele ipali njengoba bebehleli emuva,” kwengeza yena.

Naphezu kwezinselelo, uNasreddine Nabi usanethemba ngomsebenzi akawenzayo obhekelela isikhathi eside, wagcizelela ukuthi iKaizer Chiefs yakhela ikusasa eliqinile.