
Kusathi akazincinze owe-Orbit ngokuthola uSaleng
Umqeqeshi we-Orbit College, uPogiso Mokhoye, kusathi akazincinze uma ecabanga ngokubuya kukaMonnapule Saleng kuleli qembu.
Uthi namanje kungathi usaphupha ukuthi i-Orlando Pirates ivumile ukubaboleka lo mdlali ofika nobuholi obudingeka kakhulu nesipiliyoni sezinga eliphezulu eqenjini lakhe.
Lo mdlali ohlaselayo oneminyaka engu-27 ubudala, owakhuliswa yi-Orbit, uphinde wajoyina le kilabhu ngokubolekiswa.
Lokhu bekulandela isimo esingesihle azithole ekuso kwiPirates lapho ebengasadlali khona ngezinsolo zokuthi waxabana nabaphathi.
“USaleng uletha isipiliyoni esikhulu,” kusho uMokhoye ngesikhathi kwethulwa iBetway Premiership ngoLwesibili.
“Walishiya iqembu engumfanyana omncane – manje usebuyile futhi usengumholi. Uyaliqonda isiko leqembu, inqubo yeqembu, nabadlali.”
USaleng ungomunye wabadlali abasha abayisithupha abalethwe ukuqinisa iqembu ngaphambi kwesizini yaleli qembu yokuqala kwiBetway Premiership.
Lesi sinyathelo sokuqinisa iqembu ngaphambi kwesizini yokuqala esigabeni esiphezulu, okuyinto uMokhoye athi izoba yinselelo enzima.
“Bonke abadlali esibasayinile bayaliqonda isiko lethu nefilosofi yethu yokudlala,” kwengeza lo mqeqeshi.
I-Orbit izobhekana naMaZulu FC emdlalweni wayo wokuqala weligi ngeSonto ePrincess Magogo Stadium – umdlalo uqala ngo-3 ntambama.
Kodwa isikhathi sokulungiselela besincane kulandela umkhankaso wabo onzima emidlalweni yokuhlunga.
“Bekunzima. Sibe namasonto amabili kuphela okulungiselela ngemuva kokunikeza abadlali isikhathi sokuphumula,” kuchaza uMokhoye.
“Kodwa sesineminyaka emine sindawonye – akunjengokungathi leli yiqembu elisha. Abafana bahlangana kahle.”
Njengoba uSaleng esebuyile endaweni ayijwayele futhi uMokhoye elithemba iqembu lakhe, i-Orbit izobe ibheke isiqalo esiqinile emkhankasweni wayo wokuqala kwiPremiership.
