EzintshaKaizer Chiefs

UNabi ubhoke ngolaka ebuzwa ngokugqoza kwamagoli

Emidlalweni eyisithupha edlalwe yiChiefs njengoba ilungiselela isizini, ishaye amagoli amathathu kuphela. 

Kowakamuva – oweToyota Cup la iguqiswe khona yi-Asante Kotoko yaseGhana – ayizange ishaye goli kanti ingcindezi iyakhula.

Ubuthuntu phambi kwepali sekwenze abalandeli baba nexhala ngokuthi akushintshe luthi kuleli qembu njengoba kuyiwa kwenye isizini nje. 

Nokho, ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo weToyota Cup, uNasreddine Nabi ukhwele wadilika ezintathelini ngokumbuza ngamagoli nokuhlulwa kule midlalo. 

“Sisesikhathini sokulungiselela isizini futhi izinhloso zalesi sikhathi zichaziwe kuwo wonke umuntu owazi iqembu lethu,” kuphendula uNabi ngolaka. 

Uphawule ngohambo lwabo lwase-Europe, lapho bebhekene khona namaqembu aphezulu e-Eredivisie eNetherlands la imidlalo beyilandelana khona eduze. 

“Inhloso yale midlalo akukhona ukuthola umphumela ngemuva kwemizuzu engu-90. 

“Ngase ngikuchazile lokho… Ngiyaxolisa, kodwa kusukela nini sixoxa ngemiphumela emidlalweni yokuzilolonga?” 

UNasreddine Nabi ube esesola abezindaba ngokuthi bazama “ukumchukuluza ngaso sonke isikhathi.”

“Bonke abantu emhlabeni bayazi ukuthi inhloso yemidlalo yobungane akuyona imiphumela. 

“Kodwa ngiyazi ukuthi niyakwazi lokhu, futhi ngiyabonga ngombuzo wenu.”

Ngesizini edlule, iChiefs ishaye amagoli angu-25 kuphela emidlalweni engu-28 yeligi, yaqeda endaweni yesishiyagalolunye kwiBetway Premiership. 

UMasreddine Nabi uthe ukulungiselela isizini kusuke kugxile ekuthuthukiseni iqembu, hhayi imiphumela yesikhashana.

Nokho indlela elidlala ngayo emidlalweni yokuzilungiselela iyaye ikhombise lapho iqembu selithuthuke khona, ibuyise nokuzethemba kubadlali nabalandeli. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO