
UMolangoane uveza indlela iChiefs ekhohliseka ngayo ngabadlali
Owayengumdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs uJoseph Molangoane usedalule akholwa ukuthi kuyimbangela yokuthi abadlali abasha bathwale kanzima kuleli qembu.
Empeleni nje, uJoseph Molangoane uthi iKaizer Chiefs iyakhohliseka uma ibona umdlali edlala kahle kwelinye iqembu, bese imsayina.
Kodwa kuba wukuthi lowo mdlali afike eNaturena, kucace ukuthi idayiseleke ingulube isesakeni.
Ekhuluma nabeFARPost, uMolongoane uveze indlela edukisayo leli qembu elihlonza ngayo abadlali.
“Uyazi, inkinga wukuthi cishe wonke umuntu ufuna ukudlalela iChiefs,” kuchaza lo mdlali.
“Ngakho uma abadlali bebhekene neChiefs, balikhipha lonke ikhono namangwevu abo.
“Iqembu libe selibasayina bese lithola ukuthi abekho kuleli zinga ababelikhombise kulowo mdlalo elababona kuwo.
“Lokhu kwenza izinto zibe nzima kubaphathi nakuwo wonke umuntu,” kwengeze lesi sihlabani esike sadlala nakuMaZulu FC.
UJoseph Molangoane uthe ubukhulu beKaizer Chiefs nalokho okusuke kulindelwe kumdlali uma esesayine kuyo kuvamise ukubakhungathekisa abadlali.
“Ingcindezi kwiChiefs inkulu kakhulu. Ubukhulu besibalo sabalandeli abufani nobakwelinye iqembu,” kuqhuba yena.
“Ungadlalela iSundowns, futhi abantu basazokubona emigwaqweni nangakunaki kangaki. Kodwa kwiChiefs kuhluke kakhulu.
“Uhlangabezana nengcindezi ngisho uzihambela emgwaqeni nasezikhungweni zezitolo. Kuba nzima.”
Ebuzwa ukuthi ngabe ingqondo noma ithalente okwenza umehluko omkhulu, uMolangoane ugcizelele ukuthi Amakhosi adinga uqine kukho konke.
“KwiChiefs udinga ukuba nethalente elikhethekile. Kufanele ube ngumdlali okhethekile,” kugcizelela yena.
IChiefs isike yageja kakhulu ngabadlali ebasayinile kule minyaka embalwa edlule.
FUNDA NALA \ Kuyamshubela uMcCarthy eKenya
Lokhu sekuholele ekutheni igxekwe kakhulu ngokuthi seyalehlisa izinga labadlali ebahlonzayo nebasayinayo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
