
UShabalala ubhodla ngokulimala okwaqeda iphupho leyoMhlaba
Umdlali weKaizer Chiefs u-Mduduzi Shabalala usekhulume okokuqala ngokulimala okubi okwaphazamisa isizini yakhe ka-2025/26 kwaqeda nethuba lakhe leNdebe yoMhlaba.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala waphuka ithambo lengalo yangakwesokudla ngesikhathi iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns eLoftus Stadium ngoMeyi 6.
Ngaphambi kokulimala, uShabalala ubenza kahle futhi eseke walunguza kwiBafana Bafana ngaphansi kukaHugo Broos.
Ubesengomunye wabadlali ababalulekile kwiChiefs futhi esehehe amehlo abaqeqeshi beBafana.
Ukulimala kwakhe kwenzeka sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuthi uBroos aqede ukukhetha iqembu lakhe leNdebe yoMhlaba.
Ekhuluma esiteshini seKaizer Chiefs kuYouTube, u-Mduduzi Shabalala uthe kusenzima ukukhuluma ngalokho okwenzeka.
“Kimina, namanje kusenzima ukukhuluma ngalokho,” kusho yena.
Uchaze ukuthi kwenzekani ngesikhathi ethola ibhola elalivela kuPule Mmodi.
“Ngicabanga ukuthi ngathola ibhola elivela kuPule, ngemuva kokulithola ngavula umzimba.
“Ngezwa okuthile emlenzeni wami; uJayden Adams wangigadla onyaweni lwangakwesokudla.”
UShabalala uthe wayezama ukugwema ukuwa ngehlombe njengoba agcina ewela engalweni yakhe.
“Ngangingafuni ukuwa ngaleyo ndlela ngoba ngangingafuni ukuwa ngehlombe.
“Ngangifuna ukuwa ngomhlane. Ngeshwa, yilapho inkinga yaqala khona.”
Nokho, akazange aphelelwe yithemba ngisho eselimele.
“Mhlawumbe bekungakabi yithuba lami. Kufanele ngilinde ithuba lami.
“Mhlawumbe uNkulunkulu wenza izinto ngendlela Yakhe futhi Uyazi ukuthi kungani engifake kulesi simo.
“Ngiyakholwa ukuthi ithuba lami lizobuya. Ngizobuya maduze futhi ngibuye nginamandla.”
Useyifezile ingxenye yalesi sithembiso. U-Mduduzi Shabalala ubuyele ebholeni ngo-Agasti 12.
- FUNDA NALA | Kuvela okwenza iDowns iwine uNdlovu kwi-Arrows
Wangena esiwombeni sesibili washaya igoli ngomzuzu ka-84 ngesikhathi iChiefs ishaya iSekhukhune United ngo 2-0.
Ukubuya kwakhe kungase kumvulele futhi ithuba lokubuyela eqenjini leBafana Bafana elizodlala eyokuhlungela i-Afcon ngenyanga ezayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
