Ukhala ngehaba ‘ngempi’ kaSeema noWebber kwiSekhukhune
– Alfred Ngubane
Umdlali wasemuva weSekuhukhune United, uDaniel Cardoso, uthi isigameko esenzeka phakathi kukaLehlohonolo Seema nomdlali wasesiswini uJamie Webber senziwe ihaba.
Kubikwe ukuthi kube nokushayisana okukhulu phakathi kukaJamie Webber nalo mqeqeshi odabuka eLesotho.
Lokhu kuholele ekutheni uSeema amiswe, kwagcina ngokuthi axoshwe emsebenzini ngabaphathi beSekhukhune.
Bekungeyona imiphumela ebingenza leli qembu ligabhe uSeema, ofake iSekhukhune endaweni yesine kwiDStv Premiership.
Lokhu kudale ukuqagela ngokuthi ukuxoshwa kwakhe kungenxa yokonakala kobudlelwano nabadlali abamqoka eqenjini .
Kuthiwa ingxabano yaqala ngokuthi uSeema wakhipha uJamie Webber ngaphambi kwekhefu imidlalo ilandelana.
Wakwenza lokhu behlulwa yiMamelodi Sundowns, wakuphinda lokho badlala ngokulingana neTS Galaxy.
Ngemuva kwalo mdlalo wesibili, uWebber wahluleka ukuzibamba, wakuveza ukuphoxeka kwakhe.
Kubikwa ukuthi impi yabo yashuba kakhulu egunjini lokushitshela la bacishe babambana nangezandla.
“Umqeqeshi nabanye abadlali baba noshayisana, kodwa konke kwalungiswa,” kusho uCardoso kwiBettor Podcast.
“(USeema) Ungumphathi, uyawazi umsebenzi wakhe. Uma enezingxabano nabadlali, uzoya kulowo mdlali ayoyilungisa khona lapho.
“Kujwayelekile ukuthi abaqeqeshi nabadlali bazoshayisana. Sikubonile kwenzeka e-Europe, sikubonile nakuleli.
“Futhi kuyohlale kwenzeka noma ngabe kungene bani futhi kusazoba nokushayisana nokuhilizisana, kuyingxenye yomdlalo.
OLUNYE UFADA: Zilengelwa yizembe izintandokazi kwi-Orlando Pirates
“Kodwa yinto esheshe iphele futhi bobabili abasuke beshayisene bayaxhawulana ngemuva komdlalo.”