
U-Eymael uphika eyokubandlulula, usola injeje
- Intatheli yeLISENETHINI
ULuc Eymael, umqeqeshi we-FC Saint-Éloi Lupopo, uyakuphika ukuthi wasebenzisa amagama okucwasa ngokobuhlanga ewabhekise kunozinti weqembu ababebhekene nalo emdlalweni weligi wakamuva.
Lo mqeqeshi waseBelgium umiswe izinyanga eziyisithupha yiCongolese Football Federation (Linafoot) ngemuva kwezinsolo zokusebenzisa igama lokucwasa elibhekise kunozinti weBlessing FC.
Sinobufakazi bokuthi angizange ngicwase muntu
Bobabili u-Eymael nekilabhu angumqeqeshi wayo, iSt Eloi Lupopo bafake isicelo sokuchithwa kokumiswa kwakhe.
Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngomzuzu ka-87 womdlalo, kanti iLinafoot isola u-Eymael ngokukhuluma “amazwi ahlambalazayo nawokucwasa.”
Nokho, u-Eymael uyaphikelela ngokuthi umsulwa yena, futhi kunenjeje edlalwayo ukumphazamisa emsebenzini wakhe.
“Sinobufakazi, izimemezelo, nevidiyo efakazela ukuthi angizange ngithuke muntu, ingasaphathwa ke eyokusebenzisa ulimi olucwasa ngokwebala,” kusho u-Eymael kwiFARPost.
Uthi lezi zinsolo zisuke ngenxa yokuthi iLupopo yiyo ezihola phambili kwiGroup A yeligi, iphambili kunezimbangi iTP Mazembe.
ILupopo nayo iphinde yavikela lo mqeqeshi wayo, yagxeka ukushoda kobufakazi futhi yathi udaba alusingathwanga ngendlela efanele.
Iqembu lithe lime ngaku-Eymael futhi likholwa ukuthi umbiko weligi awunabo ubulungiswa neqiniso.
Isinqumo mayelana nesikhalazo seLupopo kulindeleke ukuthi siphume ngasekupheleni kwaleli sonto.
U-Eymael, owayengumqeqeshi wePolokwane City neFree State Stars, uzimisele ngokugeza igama lakhe abuyele ebhentshini.
