EzintshaOrlando Pirates

Ezinhle kwiPirates uRadiopane eshay’igoli kowokuzicija

Lo mdlalo bewubalulekile kuwo womabili amaqembu njengoba ezilungiselela imiqhudelwano emqoka ngenyanga ezayo. 

Eqenjini lesizwe lase-Angola, lo mdlalo ubuyingxenye ebalulekile yokuzilungiselela i-African Nations Championship (Chan). 

Lo mqhudelwano uzodlalelwa emazweni amathathu aseMpumalanga Afrika – iTanzania, i-Uganda, neKenya – ngenyanga ezayo.

Futhi ukubhekana neqembu eliqine njenge-Orlando Pirates kunikeze leli qembu umdlalo oqinile wokuzikala ukuthi lime kanjani.

Khonamanjalo, amaBhakabhaka wona swusebenzisele ukulungiselela ukuqala kwesizini entsha kwiPSL. 

Izoqala ngokuvikela iMTN8, kanti njengoba isiyinqobe kathathu kulandelana le ndebe, iPirates izobe ibheke ukuqopha umlando. 

Ngempelasonto ezayo, izobhekana nePolokwane City emdlalweni wokuqala kulo mqhudelwano wokuvula isizini. 

Lo mdlalo ne-Angola ubungowesihlanu wePirates kweyokuzizwa amandlakulandela eminye emine eyidale eSpain lapho ihlale khona amasonto amabili ilungiselela isizini entsha. 

Ukuhlangana ne-Angola kunikeze umqeqeshi ithuba lokugcina lokuthi ahlole ukuthi yiliphi iqembu angalisebenzisa futhi limlethele imiphumela. 

Emagolini, kube ngumgadli osemncane uBoitumelo Radiopane, okubhekwe adlale indima enkulu ngesizini ezayo, obe phakathi kwabashaye amagoli. 

Elinye lishaywe umakadebona weqembu uDeon Hotto, okhombisa ukuthi isipiliyoni namandla akhe okuhlasela kusabalulekile eqenjini. 

Ku-Angola amagoli aqhamuke kuMegue nowayengumgadli weCape Town City, uJo Panciencia.

Lona bekuwumdlalo wokugcina wePirates wokuzilungiselela isizini kanti manje seyizogxila emalungiselelweni omdlalo wayo wokuqala. 

Azoqala isizini ngomkhankaso wokuvikela iMTN8 ezobe ipheke ukuqopha umlando kuyo ngokuyinqoba ihlandla lesine kulandelana. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO