Ezintsha

IStellies ikulungele ukudedela u-Adams, uzonqakwa yiliphi? 

IMamelodi Sundowns kulindeleke ukuthi yenze esinye isicelo sokudayiselwa umdlali wasesiswini weStellenbosch FC uJayden Adams.

Lokhu kulindeleke ukuba kwenzeke uma kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari. 

Akuyona imfihlo ukuthi iSundowns, namanye amaqembu amakhulu eBetway Premiership, abenentshisekelo ngo-Adams ewindini eledlule. 

Kodwa abakwazanga ukufinyelela esivumelwaneni neStellies, ebifuna ukubambelela kubadlali bayo abayigugu ngemuva kokudayisa abambalwa. 

AmaBrazilians ahlonze u-Adams njengomdlali ozokwengeza okuthile okubalulekile eqenjini lawo ngomzuliswani wesibili wesizini. 

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala uphinde abe khona nasezinhlelweni zeKaizer Chiefs. 

Kodwa akukacaci ukuthi Amakhosi azophinde asifake yini isicelo kwiStellenbosch, okungenzeka ukuthi asekulungele ukuthola imali ngalo mdlali wasesiswini weBafana Bafana.

“UJadyen ubebheke ukuhamba ngaphambi kokuthi isizini iqale ukuze athole inselelo entsha. 

“Ngisho nomqeqeshi wakhe (uSteve Barker) uke washo ukuthi mhlawumbe imibiko ngalokhu imthikamezile” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi.

“ISundowns ibizimisele kakhulu ngokumsayinisa ewindini eledlule futhi isenentshisekelo enkulu ngaye namanje. 

“IStellies yayingafuni ukumdayisa ngaleso sikhathi ngoba ibisidayise u-Iqraam (Rayners) noDeano (van Rooyen).

“Kodwa ngeke ngimangale uma bemdedela aye kwiSundowns uma ibeke imali enhle etafuleni.”

U-Adams ubeyingxenye yeqembu leBafana elibuye ekhaya nendondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ekuqaleni kwalo nyaka. 

Nokho kusukela lapho, izinto zakhe zithanda ukungacaci njengoba uHugo Broos esemgabha kwiBafana ngenxa yezinkinga zokuziphatha.

NakwiStellies akasadlali njalo kanti kukholakala ukuthi lokhu kungenxa yokuthi ingqondo yakhe seyikwelinye lamaqembu aseGauteng.