
UMcCarthy ukhala ngokusinda koweMorocco, ‘ukube bekoweBafana…’
Owayeyisihlabani seBafana Bafana, u-Benni McCarthy, usezwakalise ukucasuka kwakhe ngemuva kokuthi umdlali waseMorocco, u-Achraf Hakimi, ephunyuke ekhadini elibomvu.
UKakimi akazange akhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi umdlali waseBrazil uVinícius Júnior emdlalweni wangeSonto ekuseni.
Lesi sigameko sidale inkulumo enkulu kubathandi bebhola, abaningi bekhala ngokuthi uHakimi ubefanele akhishwe enkundleni.
U-Benni McCarthy naye ungomunye walabo abangavumelani nesinqumo sikanompempe athi sibe nokwenzelela.
Uthi ukube uHakimi bekungowaseNingizimu Afrika, izinto bezizohamba ngendlela ehlukile.
“Uyazi ukuthini? Ukube lowo bekungumdlali waseNingizimu Afrika, ngabe ukhishiwe ngaphandle kokuthi iVAR ingenelele noma kukhulunywe nonompempe,” kusho uMcCarthy.
Lo mqeqeshi weKenya uthe lesi sigameko besifanele sibhekwe ngokucophelela, njengoba kubonakala sengathi uHakimi udliase uVinícius ngendlela ebingamlimaza kabi.
“Bhekisisa kahle lesi sigameko bese unikeza umbono wakho….
“Kimina sibonakale siyisenzo esibi kakhulu. Umshaye kabi uVinícius lapho. Ngiyazi ukuthi bekungeyona inhloso yakhe, kodwa umthintile,” kuqhuba yena.
UMcCarthy uqhubeke nokusola ukuthi kunezikhathi lapho amazwe athile nabadlali abathile bethola ukuvikelwa noma ukuphathwa ngendlela ehlukile.
“Kuyahlekisa ukuthi kuba khona ukuchema kuvunwe amazwe athile nabadlali abathile.
“Kodwa uma sekuyiNingizimu Afrika, kuba ngenye indlela,” kusho yena.
Amazwi ka-Benni McCarthy kulindeleke ukuthi abhebhetekise izinkulumo mayelana nezinqumo zonompempe kulo mqhudelwano omkhulukazi.
