EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ubhoboka ngokwenza abheje ngoMbuthuma

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usevikele ngokuqinile umgdli wakhe u-Yanela Mbuthuma.

Lokhu kuza ngemuva kokugxekwa ngabalandeli abafuna lo mgadli akhishwe eqenjini eliqala imidlalo.

“Angikwazi ukubulala ithalente,” kusho u-Ouaddou uma ebuzwa ngalo mdlali.

UMbuthuma uyiqale yonke imidlalo emine yePirates kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano.

Uqale imidlalo emithathu yeBetway Premiership nowodwa kwiMTN8.

Yize engakakalishayi igoli kule sizini, u-Ouaddou uthi lo mdlali wenza izinto ezibalulekile eqenjini.

“Kunezindlela ezimbili zokucabanga uma uhlaziya umdlalo: njengomqeqeshi, noma njengomlandeli,” kuqhuba yena. 

“Angisho ukuthi abalandeli abakwazi ukuwufunda umdlalo, kodwa umbono wangaphandle uhlukile kulowo esinawo enkundleni.

“Singamsiza umdlali ngokubona ukuthi yini angayenza ejimini nasemdlalweni. 

“Sengike ngakhuluma ngalolu daba; umdlali uyawuqonda umdlalo esifuna ukuwudlala nomsebenzi awenzayo uma singenalo ibhola.

“Ngakho asikwazi ukususa izinto ezinhle azenzayo ezibalulekile eqenjini lethu, yize ekupheleni kwesizini sibheka izibalo, idatha nesibalo samagoli.”

U-Abdeslam Ouaddou uthi ukubeka u-Yanela Mbuthuma ebhentshini kungaba yisenzo esingesihle esingagcina simkhubaza alahlekelwe ukuzethemba.

“Kunezindlela ezimbili zokucabanga: uyamsusa umfana umbeke eceleni, bese umletha kamuva emdlalweni,” kuqhuba yena. 

“Mhlawumbe angathola ukuzethemba, kodwa akekho ongaqagela; mhlawumbe ungambulala ukuzethemba.

“Ngakho akukhethi mina kuphela. Siyithimba elihlangene lePirates. 

“Lo mcabango awuveli kimi kuphela. Sisebenza njengethimba futhi sanquma ukuqhubeka nokumethemba.

“Ngamtshela ukuthi emdlalweni ofanele wenza kahle, manje sengilindele amagoli. 

“Bengifuna ukukucacisa lokho futhi ngiyethemba ukuthi abantu ngeke bakuhumushe kabi engikushoyo.

“Ungumdlali wePirates. Sinomsebenzi futhi siyazi ukuthi kwesinye isikhathi abadlali bangaba nezikhathi ezinzima.

“Silapha ukuzobaseka. Bangabadlali bethu. Akukho esingakwenza ngaphandle kokubasiza laba badlali. 

“Bangabantu baseNingizimu Afrika futhi bangamathalente asakhula ezwe.

“Angikwazi ke ukubulala ithalente. Emsebenzini wami njengomqeqeshi, angikwazi ukubulala ithalente. Kumele ngiqhubeke ngikholelwe kuye.”