UKhanye uncoma ukuqashwa kukaNasreddine Nabi kwiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
UJunior Khanye unethemba elikhulu ngomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi.
Uyavuma ukuthi uNareddine Nabi angase alethe impumelelo, kodwa uxwayisa ngokuthi okulindelwe kuye kungase kube yingcindezi enkulu.
UNasreddine Nabi, oneminyaka engu-58, kubikwa ukuthi usevumelene neChiefs ngokuzoyicija futhi kulindelwe afike kuleli maduze.
Uzofika ngemuva komdlalo wakhe wokugcina kwi-AS FAR Rabat obungeSonto.
IKaizer Chiefs ibe nesizini enzima, yaqeda endaweni yeshumi kwiDStv Premiership nokuqhubezele isomiso sezindebe saya eminyakeni eyisishiyagalolunye.
UNabi kulindeleke ukuthi afike nethimba lakhe labaqeqeshi kanti ilunga lokuqala selivele lifikile ngeSonto emini.
Manje uJunior Khanye ukholwa ukuthi akulungile ukwahlulela uNabi ngaphambi kokuthi aqale umsebenzi wakhe.
Kodwa ugcizelela ukuthi njengoba ikilabhu itshala imali kuye, uzodinga ukuletha imiphumela ngokushesha.
“Wenza kahle ngokuza neqembu lakhe labaqeqeshi kodwa lukhulu olulindelwe kuye,” kusho uKhanye kwi-iDiski TV.
“Kungamsiza ukusheshe aqale ukunqoba imidlalo ngoba ubhekene nengcindezi esuka ezinkakheni zeqembu, ngisho nabezindaba.
“Ngiyaxolisa ukusho lokhu kodwa kuyiqiniso ukuthi iningi (ingcindezi) asebhekene nayo.
“Ngiqonde ukuthi uzowina umdlalo owodwa noma emibili bese enconywa…
“Bese ehlulwa umdlalo owodwa obalulekile kuqale imibuzo ethi, ‘ucabangani ngoNabi?’
“Izovela imibuzo enjalo, uzomelana kanjani nalokho? Noma kunjalo ngizomnika ithuba.
“Angisho ukuthi akawufanele lo msebenzi noma okunye okunjalo, kodwa ngizomnika ithuba lokuzibonakalisa.
“Kumele azi ukuthi lukhulu olulindelwe kuye; udinga ukuletha imiphumela manje kwazise unikezwe konke.
“Futhi ngingakutshela nje manje ukuthi ngeke abasebenzise abadlali abanabo njengamanje.
“Uma eletha abadlali bakhe kakhulu, kufanele alethe nezindebe ngokushesha.
“Indaba yesitayela sokudlala nayo izobaluleka futhi ingashintshi.
OLUNYE UDABA: Okwenza owayengunozinti kwiBucs afise uNwabali
“Kuzoba nzima kuyena kodwa maningi amathuba okuthi benze kahle kakhulu futhi ngimfisela konke okuhle.”