EzintshaMamelodi Sundowns

UNtethe uveza abona kungaweza iSundowns eCairo

UNtethe ukholwa ukuthi iMamelodi Sundowns isengakwazi ukufinyelela kowamanqamu weCaf Champions League ka-2025.

ISundowns izobhekana ne-Al Ahly eCairo International Stadium ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.  

Umlenze wokuqala, obuseLoftus Sdtadium ngempelasonto edlule, uphele zibambene ngo 0-0.

Kulo mdlalo, iSundowns yahluleka ukukhahlelela ipali ngisho nakanye nje. 

Manje, sekumele inqobe noma idlale ngokulingana kodwa kube namagoli emlenzeni wesibili eCairo ukuze idlulele phambili.

UNthethe, owayekhona leli qembu linqoba iChampions League ngo-2016, uthi ukungashayi amagoli ekhaya akuyona into embi kangako.

 “Kuyadumaza, yebo,” usho kanje kwi-iDiski Times. “Kodwa akukhona ukuphela kwendlela. Iqembu lisangawina eCairo.”

Uvumile ukuthi iCairo iyindawo enzima ukudlala kuyo. Nokho ukholwa ukuthi abadlali banolwazi olwanele lokubhekana nengcindezi.

“Bake baba sezimeni ezifanayo ngaphambili futhi bayazi ukuthi yini edingekayo ukuze banqobe,” kuqhuba le nkakha.

UNtethe, okwamanje osebenza njengomqeqeshi eqenjini leChampionship, iCasric Stars uncome indlela yeSundowns kule sizini.

 “Kule sizini, bagxile kakhulu ekutholeni imiphumela kunokuzijabulisa. Ngihlatshwe umxhwele indlela abavala ngayo emuva.”

Ukholwa ukuthi iSundowns ingakwazi ukuphinde ingangenelwa goli kulo mdlalo ose-Egypt.

 “Uma bephinda bedlala ngokulingana ngaphandle kwamagoli, baya kumaphenathi. 

“Kodwa ngiyethemba ukuthi bazonqoba kungaze kufike lapho,” kusho lo mdlali owaqala ukuzakhela igama kwiBloemfontein Celtic.

UNthethe unethemba lokuthi iSundowns ingakwazi ukunqoba ngo 1-0 ngoLwesihlanu.

“Njengoba uTeboho Mokoena elawula isisu, futhi kukhona neubane likaThapelo Morena no-Aubrey Modiba ezinhlangothini, bangayilimaza i-Al Ahly.”