Ezintsha

Sesiphumile isinqumo ngecala elibambezele iDurban City

Leli qembu yilo elinqobe isicoco kule ligi, kodwa ayanganikwa indebe nezindondo zalo ngenxa yecala ebelisaqhubeka.

Ibisolwa yiJDR Stars neCape Town City ngokuthi yasebenzisa umdlali ongabhalisiwe ngokufanelekile.

Ibisolwa ngokuthi idlalise uSaziso Magawana embhalise ngendlela enomgunyathi kwazise ubegenayo incwadi emkhululayo.

UMagawana ubedlala kwiMarumo Gallants ngesizini edlule, yabe seyidayisela iLeruma United isitifiketi sayo ekupheleni kwesizini.

Ngokwecala leSpurs neStars, incwadi yokumkhulula kwakumele ikhishwe yiLeruma, hhayi iGallants njengoba kwenzeka nje. 

Icala leStars lachithwa yisigungu sePSL, kwase kuthi iSpurs yona yayolifaka kumahluleli weSafa ukuze lixazululwe nguye.

NgoMsombuluko umahluleli, uHilto Epstein ukhiphe isinqumo sookuwachitha lamacala abefakwe yiStars neSpurs. 

Lokhu kusho ukuthi i-PSL isingaqhubeka nokwenza izinhlelo zokuhambisela iDurban City indebe yayo.

ISpurs yona lesi sinqumo siqinisekise ukuthi kuphelile ngayo ebholeni elikhokhelayo njengoba idliwe yizembe kulesi sigaba sokuqala sebhola. 

Isizodlala ezigabeni zeSafa, ezibizwa ngokuthi kusehlathini ngokolimi lwebhola lakuleli, kusukela ngesizini ezayo.