Ezintsha

Selishintshe igama elithenge iSuperSport United

Kodwa cha, akuyona i-Orbit College esanda kukhushulelwa esigabeni esiphezulu ngokunqoba emidlalweni yokuhlunga.

Leli qembu elisha yiSiwelele FC. Yebo, leli yigama elisha leqembu elithenge isitifiketi seSuperSport United sokudlala kwiPremiership. 

Iqembu elisha bekumele lisebenzise iCeltic United njengegama layo, kodwa abaphathi sebebuye bajika umqondo baletha eleSiwele FC. 

Lokhu kuqinisekiswe ngumsakazi webhola odumile uRobert Marawa ngoLwesithathu ntambama. 

“Isinqumo sakamuva esithathwe yiCeltic United Group ukuthi iqembu elisha elizodlala kwiBetway Premiership ngesizini ezayo lizobizwa ngeSiwele Football Club.

“Ikhithi isiqediwe ngokunjalo nelogo, futhi imibala yeqembu nayo iqinisekisiwe,” kubhala uMarawa ku-X. 

Leli qembu lizosebenzisa imibala yodumo kwiBloemfontein Celtic – eluhlaza nomhlophe.

Ilogo izophinde ibe nesibhakela esiwuphawu olukhona kwilogo yeCeltic kodwa senziwe kabusha futhi sibukeka ngendlela yesimanje. 

“U-“S” uhlanganiswe nesibhakela – ukugcina kokubili ifa lelogo yoqobo ehlanganiswe negama elisha.

“Ibunjwe yaba yindebe, okuwuphawu lweqembu elinqobayo,” ifundeka kanje incazelo ehambisana nezithombe zale logo.

Eminye imininingwane nokwethulwa kweqembu elisha kulindeleke ukuthi kudalule kabanzi ngaleli qembu elisha eselivele lisuse isasasa kubalandeli.

Nokho manje kunamaqembu amabili – okungenzeka abe mathathu uma u-Eddie Modise ethola isitifiketi sokudlala kwiPSL – alwela izinhliziyo zabalandeli beCeltic.

UModise unelungelo lokusebenzisa igama leBloemfontein Celtic nelogo yalo yangempela. 

Okwamanje ubengakalitholi iqembu azongena ngalo ezigabeni zePSL ukuze avuselele iCeltic njengokuthembisa kwakhe. 

Engxoxweni abe nayo kwiRadio 2000 ngenyanga edlule, uthe ufuna ukuthenga isitifiketi sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship.

Manje okuzothatha amehlo ukubona ukuthi yiliphi phakathi kweSiwele FC neMarumo Gallants abalandeli beCeltic abakhetha ukuleseka ngesizini ezayo.