
Seliphinde lagadla izembe kwiChiefs – kuchithwa owesihlanu
UMduduzi Mdantsane useyishiyile ngokusemthethweni kwiKaizer Chiefs ngemuva kweminyaka emibili engabanga nempumelelo ebibhekiwe ngesikhathi ejoyiina.
Ngesikhathi efika kuleli qembu elizinze eNaterna uMduduzi Mdantsane, bekubhekwe ukuthi abe ngumdlali omqoka nonomthelela omkhulu.
Phela ufike esengumdlali onamava kulandela ukwenza kwakhe kahle kwiCape Town City iminyaka ilandelana.
Wabe esebuyela kwiKaizer Chiefs, okuyiyo eyalolonga ikhono lakhe esengumfanyana omncane – kodwa izinto azanahamba ngendlela obekufiswa noma kubhekwe ngayo.
Ukuhamba kwakhe kumenyezelwe ngokusemthethweni Amakhosi ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ekuseni.
“IKaizer Chiefs nomdlali wasesiswini, uMduduzi Mdantsane bavumelene ngokuhlukana,” sifundeka kanje isitatimende saleli qembu.
“Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ujoyine Amakhosi esuka kwiCape Town City ekuqaleni kwesizini ka-2023/24.
“Ngesizini edlule, ukuze aqongelele isikhathi somdlalo ngemuva kokululama ekulimaleni, uchithe ingxenye yokugcina yomkhankaso ebolekiswe kwiRichards Bay FC.
“Ngesikhathi ekwiChiefs, uMdantsane udlale imidlalo engu-16 kuyo yonke imiqhudelwano. Sifisela uMdu konke okuhle.”
UMdantsane ube ngumdlali wesihlanu ukuthithwa yiKaizer Chiefs njengoba isezinhlelweni zokulungiselela isizini ezayo nje.
Ukuhamba kwakhe kulandela okukaRanga Chivaviro, uSabelo Radebe no-Edmilson Dove. UNjabulo Blom yena ukhululwe ukuthi abuyele ekilabhini yakhe yase-US, iSt Louis City.
Baningi abadlali okulindeleke ukuthi bakhululwe yilezi ziqhwaga zaseSoweto njengoba zivula izikhala zabadlali abasha abazosayinwa ngokomyalelo womqeqeshi uNasreddine Nabi.
IChiefs imataniswa nedlanzana labadlali njengoba isaqhubeka nokuvuselela babusha isikwati sayo ukulungiselela isizini entsha.
