Ezintsha

OweRoyal AM nesetembiso kubadlali yize ‘isendalini’

Nokho abaphathi beqembu bona ngapha banxusa abadlali nabasebenzi ukuthi behlise umoya, bebathembisa ukuthi bazobuyela emsebenzini maduze.

Umthombo osondelene naleli qembu, okhulume neSowetanmuva nje, uveze ukuthi isikhulu esiphezulu seqembu uSinky Mnisi ukhulume nabadlali ngoMsombuluko. 

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi bebuyele ejimini ngeSonto, ezinsukwini ezimbalwa kulandela ukuthi bethole amaholo abo kaJanuwari.

“USinky utshele abadlali nabaqeqeshi ukuthi bangakhathazeki. Ubaqinisekise ukuthi izingxoxo nePSL zisaqhubeka ukuze kutholwe izixazululo,” kusho umthombo.

IRoyal AM isalokhu iphansi kwilogi ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni engu-11. 

Umdlalo wayo wokugcina bahlulwa ngo 3-1 yiTS Galaxy ngoDisemba 29.

Yize uMnisi ethembisa kodwa akucaci izophelelaphi lento yale kilabhu. 

ISars isengayidayisa ikilabhu kulandela ukuvunwa yisinqumo senkantolo sokuba idle izimpahla zikaShauwn Mkhize ukuze ikhave isikweletu sayo. 

Uma lokho kwenzeka, i-PSL izobhekana nezinqumo ezinzima mayelana nemidlalo ehlehlisiwe nangabanikazi abasha abazothenga leli qembu.

Ibamba lesikhulu esiphezulu sePSL, uMato Madlala, uthe bayasazi isinqumo senkantolo kodwa bebengakezwa ngokudayiswa kwekilabhu. 

“Sisifundile isahlulelo, kodwa ngeke ngiqinisekise ukuthi ikilabhu izodayiswa yini,” uphendule kanje.

Imenenja jikelele yeRoyal AM, uRichard Makhoba, yenqabile ukuphawula, yasola abezindaba ngokusabalalisa imininingwane engamanga.