
OweNijmegen uveza okumchaze ngeChiefs yize beyihlulile
IKaizer Chiefs ihlulwe ngo 1-0 yiqembu laseNetherlands, i-NEC Nijmegen, kodwa lilishiye lizwile leli qembu futhi liyilonipha.
“Bekuwumdlalo omuhle kakhulu,” kusho umqeqeshi we-NEC Nijmegen uKoen Hermsen ngalo mdlalo wangempelasonto.
“IChiefs ibihlangene kahle. Ukuphaselana kwayo bekukuhle — kuyinto emndandi ukubuka.”
UHermsen uvumile ukuthi iKaizer Chiefs iyifakile ingcindezi kwezakhe, ikakhulukazi ngasekupheleni komdlalo.
“Emizuzwini engu-15 yokugcina, bengicabanga ukuthi bazolithola igoli lokulinganisa,” kwengeza uHermsen.
Bese kungokwesithathu iChiefs ihlulwa kulolu hambo lwayo lokulungiselela isizini entsha futhi imiphumela isiqala ukuzwela kubalandeli.
Kodwa umdlali wasesiswini, uNkosingiphile Ngcobo ubona sengekho isidingo sokukhathazeka ngoba bayafunda kule midlalo, futhi kuyingxenye yokukhula kweqembu.
“Lapho sidlala njalo, kulapho sifunda okwengeziwe,” uNgcobo. “Siyathuthuka. Yebo, i-NEC Nijmegen ibingcono kunathi, kodwa hhayi kakhulu. Silisane kahle nayo.”
Isihlabani seChiefs esisakhula, uMfundo Vilakazi naye uvumelane noNgcobo ngokuthi uyawubona umehluko owenzekayo eqenjini.
“Bekuwumdlalo onzima,” kuvuma yena. “Kodwa sijabule ngokudlala. Siba ngcono futhi ngikholwa ukuthi sizowunqoba omunye wemidlalo yethu elandelayo.”
IKaizer Chiefs izobhekana nePEC Zwolle ngoLwesibili. Umdlalo wayo wokugcina kulolu hambii uzoba ngoLwesithathau la izobhekana khona neFC Twente.
Emdlalweni odlule umdlalo uqalwe yiqembu okubukeka umqeqeshi iNasreddine Nabi ezosebenzela phezu kwalo ngesizini ezayo.
Bekuningi kulo abadlali abebekhona ngesizini edlule okuhlanganisa u-Inacio Miguel obengukaputeni bese ukuya phambili kube khona uoGaston Sirino uPule Mmodi noTashreeq Morris.
Abadlali abasha uNkanyiso Shinga no-Ethan Chislett bona bangene ngesiwombe sesibili.
IKaizer Chiefs izobuyela eNingizimu Afrika ngoJulayi 19 bese ilungela ukubhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium ngoJulayi 26.
