EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs ‘ingqongoze’ emnyango ongafanele ifuna uMayo

UPatrick Mayo, owayengumdlali weKaizer Chiefs, udalule ukuthi leli qembu lifike kuye licela izibusiso zakhe ukuze lisayine indodana yakhe.

Kodwa uKhanyisa Mayo, oneminyaka engu-26 ubudala, usemabhukwini eqembu lase-Algeria, i-CR Beloluizdad.

Kulezi zinkunzi zase-Algeria uKhanyisa Mayo usebenza ngaphansi komqeqeshi owaziwayo ebholeni lakuleli uSead Ramovic.

UKhanyisa kuthiwa akaconsi phansi lulabo sondonzima baseNorth Africa njengoba engomunye wabadlali abamqoka eqenjini.

Ngakho, iqemu elimfunayo kuzomele lizimisele ukungena lidephe ephaketheni ukzue limthole. 

“IKaizer Chiefs ingishayele ucingo ngesonto eledlule ukuthola ukuthi ngingavuma yini uKhanyisa ayjoyine leli qembu,” kusho uPatrick kwiKickOff

“Kodwa nguye uKhanyisa onganquma ukuthi uyafuna yini ukubajoyina noma cha.

“Ngiyitshelile iChiefs ukuthi ngingakujabulela ukubona uKhanyisa kuleli qembu ngoba lokho kuzoba wumlando. 

“Uzobe elandela ezinyathelweni zikayise, futhi lokho kungangenza ngibe ubaba oziqhenyayo.

“Kodwa ngikubeke kwacaca kwiKaizer Chiefs ukuthi uma ifuna ngampela ukumsayina, kumele ikhulume neqembu akulo njengamanje, imthenge kulo.

“Inkontileka yakhe akuyo njengamanje iyoze iphele ekupheleni kwesizini ka-2026/27,” kwengeza uMayo, owadlala nakwiSuperSport United. 

IKaizer Chiefs ithungatha umgadli kanti kuvela ukuthi izama ezindaweni eziningi njengoba ishoda nje phambili. 

Leli qembu elicijwa uNasreddine Nabi selike lazama nokudayiselwa umgadli odabuka eNamibia uBethuel Muzeu. 

Lo mgadli oneminyaka engu-24 ubudala usemabhukwini eBlack Leopards, okubikwa ukuthi ifune imali evele yayixosha iChiefs.

Omunye umgadli omataniswa naleli qembu nguMihlali Mayambela naye okuvela ukuthi engakujabulela ukubuyela kulo.

Kodwa nakuye kubukeka inkinga kuzoba yiyo inkece njengoba esenenkontileka kwi-Aris Limassol okuthiwa ifuna imali ebalelwa ku-R20 million ngaye. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO