
OweDowns uveza izinto angafuni ukukhuluma ngazo
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso useveze izihloko ezimbili azigwemayo uma ekhuluma nabezindaba.
UCardoso ukhulume nezintatheli okokuqala ngemuva kokuhola iSundowns inqoba ngo 1-0 kwiRaja Casablanca kwiCaf Champions League ngeSonto.
U-Iqraam Rayners ushaye igoli elinqume umphumela walo mdlalo obuseLoftus Stadium ngesiwombe sesibili, wasiza uCardoso anqobe umdlalo wakhe wokuqala.
Ukunqoba kube ngokokuqala esigabeni samaqoqo njengoba beyidlale ngokulingana ibhekene ne-AS Maniema ne-AS FAR Rabat.
ISundowns manje ihlezi endaweni yesibili eqoqweni, kanti iyalingana ngamaphuzu amahlanu neqembu eliqhwakele iFAR Rabat.
Ngemuva komdlalo, uCardoso uchaze ngezinto angeke akwazi ukuzidingida nabezindaba.
Uthe uyakugwema ukuphawula ngezinqumo zonompempe nokudlala komdlali ngamunye.
Esikhundleni salokho, lo mqeqeshi odabuka ePortugal ugxila ekusebenzeni kweqembu lilonke nasezindaweni okufanele lithuthuke kuzo.
“Ngincamela ukuhlaziya iqembu kunokuba ngikhethe abadlali noma ngikhulume ngonompempe,” kusho uCardoso.
Indlela yakhe iyafana neyomqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, naye okugwemayo ukuphawula ngokudlala komdlali ngamunye esidlangalaleni.
“Iningi lezinguquko zami zihlobene nokuhlaziya amaqhinga noma ukulawula umdlalo,” kuqhuba uCardoso.
Ubephendula umbuzo ngesinqumo sakhe sokukhipha uSiphelele Mkhulise afake uKutlwano Letlhaku ngesikhathi sekhefu.
Okuphawulekayo ngalolu guquko wukuthi uLetlhaku nguye owakhele uzakwabo uRayners ithuba lokushaya igoli.
“Sinabadlali abazibophezele, ngakho-ke izinto zizokwenzeka ngendlela efanele nokulawula imizwa ngendlela edanele.
“Ngakho ngiyajabula ngokuthi senze izinguquko ngokwesimo somdlalo futhi abadlali basabele kahle…
“Kodwa ngidinga ukujula ekuhlaziyweni komdlalo ukuze ngibe nombono ocacile ngezinto ngazinye.
“Imvamisa, kunezinto ezimbili engingazikhulumi ngazo – onompempe nokuthi umdlali ngamunye udlale kanjani.
“Lokhu kungenxa yokuthi ngithanda ukubuka umdlalo ngokugcwele ukuze ngibone kahle yonke into futhi lokho yinto engiyikhuluma nabadlali kuphela.”
UCardoso manje usezobeka umqondo wakhe emdlalweni olandelayo nozomvivinya kakhulu weBetway Premiership.
ISundowns izobhekana neStellenbosch FC ngoLwesithathu. Leli qembu livamise ukuyithikameza iSundowns.
