EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs uveza okubavimba ukubuyela eDobsonville

Kodwa naphezu kokwesekwa okukhulu kwalesi sicelo, uMotaung Jnr udalule ukuthi ngeke kuze kukwazi ukwenzeka lokho.

Amakhosi avale imidlalo yawo yesigaba sokuhlunga ibhekene ne-AS Simba eyayishaya ngo 3-1 phambi kwezihlwele ebezigcwele phama eDobsonville Stadium.

Abalandeli kule nkundla emaphakathi neSoweto babecula futhi benza isimo saba mnandi, kanti lokho kwakhumbuza abantu ubumnandi obabukhona kudala.

Kodwa-ke, uMotaung Jnr uveze ukuthi iDobsonville Stadium ayigunyaziwe yiCaf ukuba kungadlalelwa kuyo imidlalo yesigaba samaqoqo.

Lokhu kusho ukuthi iChiefs izosingatha izimbangi zayo zezwekazi enkundleni yayo evamile, iFNB Stadium.

“Khona besingakuthanda lokho, futhi lowo ngumbuzo obaluleke kakhulu,” kusho uMotaung Jnr.

“IDobsonville ayiyona inkundla egunyaziwe ezigabeni zamaqoqo. Besivunyelwe ukuyisebenzisela esigabeni sokuqala, kodwa asivunyelwe ukuyisebenzisela isigaba samaqoqo.”

UMotaung Jnr uncome isibalo sabalandeli abagcwalisa iDobsonville, abenza kwaba nomuzwa wenjabulo enkundleni owafaka abadlali umfutho.

Ube esenxenxa ukuthi abathutheleke naseFNB Stadium ukuze baqhubeke nokufaka umfutho eqenjini. 

“Umuzwa wawumangalisa eDobsonville, abantu baphuma ngobuningi — benza kwaba mnandi kakhulu. 

“Sihlala sifuna ukuyisa imidlalo kubantu, kodwa kulokhu, iphuma ezandleni zethu.

“Sibonile ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba nalolo hlobo lwesimo eqenjini uma lisekhaya, ngakho sicela abalandeli baMakhosi ukuthi baphume ngobuningi naseFNB. 

“Bafana nomdlali ka-12 eqenjini, basinika umdlandla, futhi ngokusekwa yibo singanqoba izinto ezinkulu.”

IChiefs iqhathwe kuGroup D neZesco United yaseZambia neziqhwaga zase-Egypt iZamalek ne-Al Masry esigabeni samaqoqo.