Ezintsha

OweTS Galaxy ulandela uNgezana phesheya, uhalelwa nayiBucs

Lokhu kulandela ukwenza kahle kwalesi sitobha esineminyaka engu-21 ubudala kwisizini yaso uokuqala kwiBetway Premiership. 

Lo mdlali odlala emuva maphakathi udlale imidlalo engu-27 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini ka-2024/25.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokufudukela kwakhe kwiRockets esuka kwiKaizer Chiefs lapho ebedlala khona eqenjini leDStv Diski Challenge. 

Ngokushesha uphenduke insika ye-TS Galaxy emuva. Udlale ngokubambisana kahle nozakwabo uMcBerth Mahlangu noMlungisi Mbunjana emuva.

Ukukhombisa ukuvuthwa kukaNdamane kumlethele ukunakwa njengoba ehehe neso lomqeqeshi weqembu lesizwe. 

Ubizelwe eqenjini leBafana Bafana ebelizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026.

Nokho kudingeke ukuthi ahoxe kuleli qembu likaHugo Broos ngenxa yezinkinga zencwadi emvumela ukuphuma kwelakuleli. 

Kodwa-ke, ubuyele ngokugcwele eqenjini lesizwe ngoJuni, futhi waqokwa njengoMdlali eVelele edlala okokuqala kwiBafana ibhekene neTanzania.

Manje i-FCSB imfunisa okwemali. Leli qembu laseRomania livele linomdlali wasemuva waseNingizimu Afrika uSiyabonga Ngezana emabhukwini alo.

Manje ngokubika kwe-FARPost, leli qembu seliiqalile izingxoxo ezisemthethweni nabaphethe uNdamane ngokunjalo ne-TS Galaxy. 

Imithombo esondelene nezingxoxo iveza ukuthi i-TS Galaxy ivulelekile ukumdedela lo mdlali inqobo nje uma imali ebekwa etafukeni iyigculisa.

Nokho intshisekelo ekhulayo ngoNdamane ayigcini nje ngaleli qembu laseYurophu. 

Kuleli, iMamelodi Sundowns nayo isiqaphe ngelokhozi isimo sakhe futhi kungenzeka iqhamuke kungalindele muntu imhlwithe.

Le ntshisekelo yeSundowns ivela ngemuva kokuhlukana kwayo nomdlali wasemuva iyonxele uLucas Suarez.

USuarez ubuyele eqenjini iSundowns ebimboleke kulo, i-CA Talleres yase-Argentina ekupheleni kwemidlalo yeligi. 

I-Orlando Pirates nayo kuvela ukuthi ike yaveza isifiso sokumthola lo mdlali, kodwa yabuye yaphelela emoyeni.

Okwamanje, wonke amehlo asemphumeleni wezingxoxo phakathi kweGalaxy ne-FCSB, umnyakazo olandelayo kaNdamane wona ususeduze.