
UNabi ‘ushwelezela’ umdlali osephenduka iqaqa kwabeChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usevikele umdlali wakhe wasemuva odabuka e-Angola, u-Inacio Miguel, osolwa ngobudlova.
UMiguel, ongomunye wabadlali abasha kwiChiefs, uzobe engekho uma iChiefs seyibhekene neRichards Bay neRoyal AM emidlalweni yeBetway Premiership kuleli sonto ngenxa yokumiswa.
UMiguel udonsa isigwebo sakhe sesibili kulo mkhankaso. Ukhishwe ngekhadi elibomvu begingqwa yiMamelodi Sundonws ngo 4-0 kwiCarling Knockout.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ubesanda kubuya kulowo mdlalo ngenxa yokuvinjelwa umdlalo owodwa kulandela ukuqoqa amakhadi amane aphuzi.
Uthole lamakhadi emidlalweni yakhe yokuqala emihlanu efikile kwiChiefs.
Izingqapheli ezimbalwa, nezinkakha zeqembu sezike zathimula ngaye, zimeluleka ukuthi ehlise olakeni.
UNabi ukholwa ukuthi isimo sikaMiguel asikho mayelana nokuziphatha, kodwa wukuthi ajwayele umgqigqo webhola lakuleli.
“Ngicabanga ukuthi inkinga kaMiguel akukhona ukuziphatha” kusho uNabi kwabezindaba ngoMsombuluko.
“Uyinsizwa elungile, futhi ungukaputeni wethu. Kodwa usemusha ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Udinga isikhathi sokuzijwayeza – hhayi ebholeni kuphela, kodwa nesimo nje sonke.
“Ngicabanga ukuthi ufuna ukunika iKaizer Chiefs konke, kwesinye isikhathi kuba kuningi kakhulu!
“Kodwa unobuntu, ngiyamthanda lo mfana! Ungithembise ukuthi uzocophelela kakhulu.”
IChiefs izodlala neRichards Bay ngoLwesithathu bese kuba yiRoyal AM ngoMgqibelo, yomibili imidlalo ingeyasekhaya futhi izodlalelwa ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
Ibhekene neNatal Rich Boys, iChiefs izobe ibheke ukunqoba kwayo okokuqala kiligi kusukela ngoSepthemba 25.
IRichards Bay kaBrandon Truter, ngakolunye uhlangothi, ibheke ukunqoba kwayo kokuqala kwiligi kusukela ngoSepthemba 15.
“Ngicabanga ukuthi lona umdlalo onzima ngoba isimo asisihle kakhulu kwimbangi yethu,” kwengeza uNabi.
UNabi kulindeleke ukuthi adlalise uGiven Msimango ozobambisana noRushwin Dortley esikhundleni sikaMiguel.
“Iqembu lami kuzodingeka linikeze amaphesenti angu-200 ukuze lithole umphumela omuhle.
“Yonke imidlalo ayilula, kodwa ikakhulukazi lena, ngoba sibhekene neqembu eliwudinga kakhulu umphumela.
“Sizoya ePolokwane ngomfutho omkhulu kodwa sizoyihlonipha imbangi.”
