
UJunior Khanye usola unompempe ‘ngokulekelela’ iChiefs
Umhlaziyi webhola wakuleli uJunior Khanye usegxeke onompempe ngemuva ‘kokulekelela’ iKaizer Chiefs ukuthi inqobe emdlalweni weNedbank Cup.
IKaizer Chiefs inqobe lo mdlalo obuseNelson Mandela Bay Stadium ngoMggqibelo ngo 3-1 ihlula iStellenbosch FC.
Igoli likaPule Mmodi liqale laphikwa ngumsizi kanompempe kulandela ukuthi kudlaliswe kabi unozinti weStellenbosch uSage Stephens.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi unompempe ubuye wasijika isinqumo sakhe, walivuma leli goli ngemuva kokuxoxisana nomsizi wakhe.
IChiefs ibe isishaya igoli lesithathu ukuqinisekisa indawo yayo emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
UJunior Khanye, owayengumdlali wasesiswini waMakhosi, ukholwa ukuthi uStellenbosch ibanjwe ngophondo kulo mdlalo.
Uzwakalise ukuphatheka kabi ngesikhathi ehlaziya lo mdlalo kwi-iDiski TV, wathi isinqumo sikanompempe sithonywe izihlwele zaMakhosi.
“Unompempe uyigebenge kubuka izwe lonke iStellenbosch; lokhu kuyadumaza kakhulu,” kusho uJuniro Khanye.
“Bekunephutha elenzekile. Unozinti kumele avikelwe ngaso sonke isikhathi. Uma uthinta unozinti ebhokisini, uyavikelwa.
“Umsizi kanompempe ukubonile lokhu futhi waphakamisa iduku lakhe.
“Kodwa ngenxa yokucasuka kwabalandeli, unompempe wabonisana naye qede basishintsha isinqumo. Kuyadumaza kakhulu loku.”
UJunior Khanye wengeze ngokuthi bekungekona okokuqala iStellenbosch iphathwa ngendlela engabazekayo emdlalweni omkhulu.
“Bekubukeka sengathi iChiefs kumele iye kowandulela owamanqamu noma ngayiphi indlela, futhi lokho akulungile.
“Laba bafana babhekane nesiphetho esifanayo nangesizini edlule bebhekene ne-Orlando Pirates.”
Naphezu kokukhungatheka kwakhe, uKhanye uvumile ukuthi ujabule ngabadlali beChiefs nethimba labaqeqeshi.
Uthi basebenze ngendlela encomekayo kulo mdlalo, wathi sekuphoxa khona nje ukuthi balekelelwe unompempe ukunqoba.
“Ngiyazi ukuthi abalandeli beChiefs bajabule, futhi nami ngiyabajabulela, kodwa ukunqoba ngale ndlela?”
- ZITHOLE ZISHISA | Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
