
Kuqhathwe eyamagqubu yodwa kwiNedbank Cup
I-Orlando Pirates izothola ithuba lokuziphindiselela ngokuhlulwa kwayo emdlalweni weligi uma isihlangana neMarumo Gallants kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup.
IGallants yashaya iziqhwaga zaseSoweto kungazelelwe ngo 2-0 emdlalweni weligi emasontweni ambalwa edlule.
Lokhu kwakhubaza amathuba ePirates emjahweni weligi, la isilele khona ngamaphuzu angu-16 kwiMamelodi Sundowns.
Kodwa-ke ithuba lokuthi i-Orlando Pirates iziphindiselele selisheshe lafika njengoba la maqembu ehlangene kwiNedbank Cup.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
IGallants idlulele kowandulela owamanqamu ngemuva kokuhlula iDurban City ngo 4-1 emdlalweni obuseChatsworth Stadium ngeSonto ntambama.
La maqembu womabili adlale ngokulingana ngaphandle kwamagoli ngesikhathi somdlalo kanti amathuba abemancane kulo mdlalo.
Kube kumaphenathi lapho iGallants iphume phambili, iCity igeje eyodwa kwathi uKagiso Mlambo wavimba enye.
- FUNDA NALA |Â Ucwaningo lubeka iPirates ngaphezulu kweChiefs
Omunye umdlalo owandulela owamanqamu osuvele ubhekwe ngabomvu njengoba iMamelodi Sundowns izosingatha iKaizer Chiefs.
La maqembu amabili amakhulu asehlangane kathathu kule sizini, iSundowns iyinqobe yomithathu imidlalo.
Iqhathwe kanje imidlalo eyandulela owamanqamu:Â Â
- Sundowns/Sekhukune v Kaizer Chiefs; Pirates v Gallants
Izinkundla nezikhathi zale midlalo kuzomenyezelwa yiPSL ngokuhamba kwesikhathi.
Umdlalo weSundowns neSekhukhune awuzange udlalwe kule mpelasonto kulandela inkinga ngenkundla obuzodlalelwa ngayo.
- ZITHOLE ZISHISA |Â Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
