EzintshaKaizer Chiefs

Owayeyisihlabani seChiefs uxoshwe yiqembu leNFD

Izinhlangothi zombili zinqume “ukunqamula ubudlelwano ngokuvumelana” kulandela imiphumela engemihle eshiye leli qembu laseMpumalanga lisendaweni embi.

Lihlezi endaweni ka-13 kwilogi njengoba lisaqoqe amaphuzu angu-12 emidlalweni engu-12 elisayidlaliile.

UMlwane – owazakhela igama kwiKaizer Chiefs esengumdlali – ubambe elikhulu iqhaza ekusizeni iThe Bees ukuthi inqobe iMpumalanga ABC Motsepe League ngesizini edlule.

Ibe seyingena kweyokuhlunga yeSafa National Playoffs, okuyilapho ifike yakwazi ukuzitholela khona indawo kulesi sigaba sePSL.

Umdlalo kaMlwane wokugcina bahlulwe ngo-1–0 yi-University of Pretoria ngempelasonto edlule.

Imemezela ukuhamba kwakhe, ikilabhu ithe: “Kungenhliziyo ebuhlungu ukuthi simemezele ukuhamba komqeqeshi wethu, uHumphrey Mlwane.

“Ubeyingxenye ebalulekile yeqembu lethu kusukela ezinsukwini zethu kwi-ABC Motsepe League.

“Sikwazisa ngobuqotho ukuzinikela kwakhe, ubuholi, kanye negalelo elibalulekile alenze ekukhuleni nasekuthuthukisweni kwale kilabhu.

“Sidlulisa ukubonga kwethu okusuka enhliziyweni kumqeqeshi uMlwane ngokuzibophezela kwakhe ngesikhathi sakhe sonke.”

Okwamanje, abebengamaphini akhe oVelile Zitha noMarvin Ngomane yibo abazoqhubeka nomsebenzi ngesikhathi iqembu lisafuna omunye umqeqeshi.