EzintshaOrlando Pirates

Okwenze uYanela Mbuthuma azi uzoyibhakuzisa inethi

Lo mgadli oneminyaka engu-23 ubudala ushaye amagoli amabili ngesiwombe sesibili ngesikhathi amaBhakabhaka ehlula iLioli FC ngo 4-0 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

Le wini le yenze kwaba ngu 7-0 uma sekuhlanganiswe imiphumela emzuliswaneni wokuqala wesigaba sokuhlunga kwiCaf Champions League. 

UTshepang Moremi naye ushaye amagoli amabili kulo mdlalo la eziMnyama bezingagayelwe mphako, zifuna ukukhombisa ukukhonya kwazo. 

KuYanela Mbuthuma ojoyine iPirates esuka eRichards Bay kube yisikhathi cishe angasoze asilibale empilweni yakhe.

Ngesikhathi ejoyina iPirates, ngokungafani nabanye abadlali, ubengakazakheli igama elitheni futhi abanye babalandeli babengabaza ukuthi uzokwazi ukungena kwisigqi seBucs.

“Ngijabule kakhulu ngamagoli amabili engiwashayile kulo mdlalo,” kusho lo mgadli ngemuva komdlalo. 

“Kudingeke ukuthi ngizikhandle kakhulu ejimini. Ngazitshela ukuthi uma ngidlala ngizolithola ithuba lokushaya igoli. 

“Nakhu namuhla sekwenzekile. Namanje angikholwa. Ngijabule kakhulu.”

Njengoba esekuvezile ukuthi iPirates ayishayanga eceleni ngokumlanda kwiRichards Bay, usezobheka ukuqhubeka nokushaya inethi. 

Kufanele ukuthi umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou uzoqhubeka nokumnika amanye amathuba emidlalweni ezayo.

Ekhuluma ngaye, u-Ouaddou umchaze njengomdlali osezingeni eliphezulu, wancoma ithimba elihlonza abadlali kwi-Orlando Pirates ngokumthola.