
Okwenza uSiwahla abone ingwazi kuMfundo Vilakazi
Owayeyisihlabani kwi-Ajax Cape Town, uMkhanyiseli Siwahla usehlonze uMfundo Vilakazi njengomdlali wakuleli amthandayo nambona enekusasa elihle.
UMfundo Vilakazi ngomunye wabadlali abasebancane okubhekwe lukhulu kubo njengoba benekhono elithembisayo.
Nokho akabanga nesizini ethokozisayo kwiKaizer Chiefs kulokhu njengoba leli qembu litotoba kanzima nje lilonke.
Kodwa noma kunjalo, uMkhanyiseli Siwahla uthi lukhulu olusazokwenziwa uMfundo Vilakazi ebholeni lakuleli.
USiwahla waqopha irekhodi ngokuba ngumdlali mncane kunabo bonke ukudlala esigabeni esikhokhelayo eminyakeni eminingi edlule.
Wagqama kakhulu kwi-Ajax edlala ngaphansi kukaMuhsin Ertugral, futhi nenethi wayeyibona la ingakhona.
Nokho wagcina engafikanga ezingeni elalibhekwe kuye ngenxa yezinkinga ezithile zangaphandle kwenkundla.
USiwahla, oneminyaka engu-36 njengamanje, udlala kwiLerumo United ekwiMotsepe Foundation Championship.
Ube nengxoxo emfushane neKickOff la eveze khona ukuthi wakhula ezifela ngeKaizer Chiefs noJabu “Pule” Mahlangu.
Uthe nendlela yakhe yokudlala wayezama ukulandela kuMahlangu njengoba ayezifela ngaye.
“Iqhawe lami kwakunguJabu Pule. Ngangiyithanda indlela adlala ngayo nokuthi wayengemude kangako,” kusho uSiwahla.
“Njengoba ngangihlala eduze nesikhumulo sezindiza eKapa, ngaqala ukumbona khona, okwangikhuthaza ukuthi nami ngiqinise ebholeni.”
Uthe wayezama ukudlala njengaye futhi efisa ukufika ezingeni lwalo mdlali owayeyisihlabani esingaconsi phansi kubalandeli beChiefs.
“Indlela ayeqonda ngayo izitobha yayingichaza. Ngangifuna ukuba uJabu Pule olandelayo, ngiqhube ifa lakhe.
“Kodwa ngeshwa lokho akwenzekanga,” kuchaza lo mdlali. Ube esebuzwa ngabadlali abakhona njengamanje kuMakhosi.
“UMfundo Vilakazi. Loya mfana yisihlabani esisakhula, kungenzeka agcine eyingwazi enkulu kwiKaizer Chiefs.”
