Ezintsha

USaleng uyaqala, Usuthu noshintsho olulodwa kowe-Orbit

USaleng ubeyintandokazi yabalandeli kwi-Orlando Pirates kumasizini amabili edlule kuze kube yilapho kuthiwa uxabane khona nezikhulu zekilabhu.

Lokhu kuholele ekutheni angadlali isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha zesizini edlule. 

IPirates imangaze abaningi lapho imbolekisa kwi-Orbit College, iqembu elisha elisanda kunyukela kwiBetway Premiership. 

Lokhu kuthiwa kumvuselele kabusha lo mdlali ongomunye wababukhali kakhulu uma kuyiwa phambili ebholeni lakuleli. 

Manje lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala unikwe indima ebalulekile kuleli qembu elingomakoti kwiBetway Premiership. 

Ngemuva kokubuya kwakhe, unikezwa ijezi elidumile likaNombolo 10, futhi kuthiwa ungomunye wabaholi eqenjini.

Umdlalo wakhe wokuqala uzoba uma sebebhekene naMaZulu FC, iqembu alikhathaze izikhathi ezimbalwa esekwiPirates, ePrinces Magogo Stadium, KwaMaShu. Umdlalo uqala ngo-3pm.

AmaZulu izodlala ngeqembu elifanayo nelaqale umdlalo weMTN8 ebhekene neStellenbosch FC ngempelasonto edlule, ngaphandle kukanozinti.

UDarren Johnsons, osanda kusayinwa esuka kwiChippa United, uzoqala ezintini esikhundleni sikaRichard Ofori owalimala ngempelasonto edlule.

U-Olwethu Mzimela, othathe indawo ka-Ofori emdlalweni wangempelasonto edlule, usebhentshini kulo mdlalo.

Usuthu ludlale kahle lubhekene neStellies, kodwa umqeqeshi walo u-Arthur Zwane wasala enegekile ngokuvala kwalo emuva kulandela ukudedela amagoli amathathu.