
Okwenza uHunt ahohoze ngoLucas Ribeiro kweyoMdlali oVelele
Umakadebona womqeqeshi uGavin Hunt useveze umbono oshaqisayo ngesihlabani seMamelodi Sundowns uLucas Ribeiro.
Njengoba uLucas Ribeiro ebhekwe ngabaningi emklomelweni weFootballer of the Season kule sizini, uGavin Hunt akanaso isiqiniseko sokuthi umfanele.
Eqinisweni nje, uGavin Hunt ukholwa ukuthi lo mdlali odabuka eBrazil akakenzi okwanele ukuthi usengathola lokhu kuhlonishwa okungaka.
Ngokwakhe, ubona uzakwabo kwiSundowns uTeboho Mokoena kunguye ofanelwe yilo mklomelo wokuba ngumdlali webhola ohamba phambili kwiPSL.
ULucas Ribeiro unesizini enhle ngokwezibalo. Unamagoli angu-16 kanti wakhele ozakwabo angu-11, okumenza abe ngomunye wababonakala befanelwe wumklomelo omkhulu ekupheleni kwesizini.
Kodwa uGavin Hunt usenokungabaza kwakhe futhi unomuzwa wokuthi izibalo azivezi konke ngomdlali.
Ekhuluma kwiSuperSport Unplugged, le nkuzni yomqeqeshi esisebenze emaqenjini ehlukene izincomile izibalo zikaRibeiro.
Kodwa unokungabaza ukuthi uma kungathiwa akekho kwiSundowns la ezungezwe khona yizihlabani zodwa, angaba nomthelela ofanayo.
“Uma uthatha uLucas Ribeiro umfaka kwiMagesi, ngicabanga ukuthi angadonsa kanzima,” kusho uGavin Hunt.
“Yebo unawo amagoli, ngakho kufanele abonakale efanele (ukuthola umklomelo). Kodwa angazi noma angagqama ngokufanayo yini eqenjini lapho kufanele asebenze kanzima.”
UHunt ube esenezezela: “Kimina, umdlali ongcono kakhulu eNingizimu Afrika nguTeboho Mokoena.”
UMokoena ube ngumdlali ovelele futhi onomthelela omkhulu kwiSundowns nakwiBafana Bafana kule sizini.
Ukulawula kwakhe umdlalo maphakathi nenkundla, ikhono lokushaya amaphasi amahle kumenze wahlonishwa kakhulu.
UHunt uphinde wakhuluma ngokukhethekile ngo-Iqraam Rayners, aseke wamqeqesha phambilini, futhi waveza noMakhehlene Makhaula njengabadlali abaqavile kule sizini.
Nnjengoba kusondela ukuphela kwesizini, izingxoxo ngemiklomelo yePSL yokuphela kwesizini nazo ziyaqina.
Izinkulumo-mpikiswano ngomdlali ongcono kunabanye kule sizini kulindeleke zishuba kakhulu impela.
Izibalo zivuna uRibeiro. Kodwa emehlweni kamakadebona onguHunt, uMokoena nguyena ofanelwe wumklomelo omkhulu kunayo yonke.
