
Izibeke ethubeni elihle iNingizimu Afrika ngeChan
INingizimu Afrika inqobe ngo 3-1 kwi-Egypt emdlalweni wokuhlungela iChan ngeSonto ebusuku.
Ukunqoba eSuez Canal Stadium kwenze yawina ngo 4-2 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili.
Iqembu likaMolefi Ntseki manje selidlulela emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga ozoba ngoMeyi 2025.
Izivakashi ziqale kahle, zilawula umdlalo. Ukaputeni uNeo Maema uvule ngegoli ngomzuzu ka-15, okwenza iNingizimu Afrika yahamba phambili.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
UYandisa Mfolozi ushaye elesibili ngomzuzu ka-26, kwacaca ukuthi izinto zihamba kahle kwelakuleli.
Nokho i-Egypt iphendule ngegoli ngomzuzu ka-32 ngoMohamed Abouelenein. Kuyiwe ekhefini kungu 2-1, kuhamba phambili iNingizimu Afrika.
Iqhubekile iNingizimu Afrika nokwenza kahle esiwombeni sesibili futhi yalithola igoli eliqansisele osokhaya ngomzuzu ka-50.
Kube yiphenathi evalelwe enethini nguSiphele Luthuli kwaba ngu 3-1. UNtseki uncome ukusebenza ngokuzimisela kweqembu lakhe.
“Icebo lethu lisebenze kahle. Abadlali bakhombise ukuziphatha kahle nokuzimisela okuhle,” kusho uNtseki.
Uveze ukubaluleka kokushaya igoli kusenesikhathi ukuze i-Egypt izithole seyisenkingeni, ilandela ngemuva isekhaya.
- FUNDA NALA | UNabi useveze isifiso esikhulu ngeKaizer Chiefs
UMengameli weSouth African Football Association (SAFA) uDkt Danny Jordaan naye ulincomile iqembu.
“Ukushaya i-Egypt e-Egypt kuyimpumelelo emangalisayo,” kusho yena.
Ukunqoba kusondeze iNingizimu Afrika ekungeneni kiwChan. Iqembu selizogxila emzuliswaneni olandelayo, lihlose ukuthola indawo kulo mqhudelwano.
- ZITHOLE ZISHISA | Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
