EzintshaFifa Club World Cup

Okufunwa uCardoso kwiSundowns koweDortmund 

Iqembu likaCardoso lizobhekana neBorussia Dortmund emdlalweni wabo wesibili kuGroup F weFifa Club World Cup ngoMgqibelo ebusuku.

IMamelodi Sundowns iwuqale kahle umkhankaso wayo ngokunqoba ngo 1-0 kwi-Ulsan HD, ngegoli lika-Iqraam Rayners. 

Njengoba iFluminense neDortmund badlala ngokulingana, iMamelodi Sundowns manje yiyo eqhwakele kuleli qoqo.

Kodwa-ke, uMiguel Cardoso ulindele impi enzima kakhulu uma sebebhekene neziqhwaga zaseGermany. 

Ekhuluma nabezindaba, lo mqeqeshi weSundowns ugqamise ukubaluleka kokuqina nokululama, ikakhulukazi uma kubhekwa isimo sezulu sase-United States.

“Ngizwe ukuthi umdlalo obuphakathi kweDortmund neFluminense ubungashubile. 

“Ngisho nomdlalo wethu ubungenawo umdlandla,” kusho uCardoso. “Ukushisa kunomthelela. 

“Ngokomzimba, kunzima. Kodwa manje, kumayelana nokuthi ungaziphusha uze ufike kuphi.”

Njengoba sekusele imidlalo emibili yamaqoqo, lo mqeqeshi odabuka ePortugal ukubeke kwacaca ukuthi iSundowns kumele iwuphakamise umdlalo wayo.

“Manje sibhekene neqembu elingcono kakhulu. Ngemuva kokunqoba owokuqala, kubalulekile ukuthi siqhubeke nokulwa. Sizimisele futhi siyilungele inselelo.”

Ibophele kanje iSundowns kulo mdlalo: Williams – Mudau, Lunga, Kekana, Cupido – Mokoena, Allende, Zwane – Ribeiro, Rayners, Matthews