EzintshaOrlando Pirates

Ofori: Ungaze usole ubuthakathi uma unyiwa yijezi

Lo nozinti wafika kwi-Orlando Pirates esuka kwiMaritzburg United wavala isikhala esasivuleke kushona uSenzo Meyiwa. 

Kodwa ngemuva kokulimala, wakuthola kunzima ukubuyela eqenjini abe yisethenjwa njengaphambilini.

Ngaleso sikhathi bese kubhoke uSipho Chaine, eselidlile ijezi sekunguye isethenjwa. 

Sekhuluma nabeKickOff muva nje, uveze ukuthi ukube wayengaqinile ngokomqondo, wayezoze asole ukuthi kukhona osemloyile.

Lokhu kungenxa yokuthi izinto zavele zambhimbela esikhaleni nje u-Ofori kweZimnyama kade engunozinti othenjwayo, wagcina eseshiya engasathandwa. 

Kodwa uthi yize kunjalo, wahamba kahle nje kuleli qemnbu futhi akabambe gqubu ngokwenzeka ikakhulukazi ngesizini yakhe yokugcina. 

“Yebo, lokho (ukungadlali) kuyenzeka ebholeni. Futhi kujwayelekile,” usho kanje u-Ofori odabuka eGhana. 

“Ngaphezu kokuqina ngokomqondi, mina ngingathi kumele ubheke indawo okuyo ngoba inomthelela omkhulu. 

“Uma ungadlali, noma ulimele kuba lula ukugcina usucabanga izinto ezingasile. 

“Ungazithola usukholelwa ekutheni kunothile okusebenzisela okuthile (umuthi), noma izinto ezinjalo. 

“Yilapho ke inkinga iqala khona. Kufanele uvikele umqondo yakho; uma ukwazi ukuvikela ingqondo yakho, usuzivikele ezintweni eziningi kabi.”

U-Ofori uthe uma umdlali ebhekene nalezi zinselelo, kuba lula ukuthi agcine esebona izinto ezingekho.

“Isikhathi esiningi, uma thina badlali sidlula kulezo zinselelo, silahlekelwa ukuzethemba kwethu.

“Esikhundleni sokugxila ekutheni singazithuthuka kanjani, sigxila ezintweni ezingasisizi.”

Uthe yena okwamsiza kwi-Orlando Pirates wukuthi wakhumbula ukuthi ibhola umdlalo weqembu, hhayi umdlali ngamunye.

“Wonke umdlali ufuna ukudlala, kodwa kumayelana neqembu, hhayi umdlali ngamunye. 

“Uma ufuna ukudlala umdlalo ngawedwana, mhlawumbe kufanele uyodlala noma ithenisi. Ibhola umdlalo weqembu,” kwengeza yena. 

“Ngakho-ke, kimina, okuhlezi kuphambili akukhona ukuthi uyadlala noma cha, okufanele ukwenze wukweseka ozakwenu. 

“Umdlalo weqembu lo. Uzakwethu akayena umqeqeshi ngakho akazifaki enkundleni. 

“Yilokho abadlali okudingeka bakukhumbule ngaso sonke isikhathi.

“Uzakwethu akalona ilungu labaphathi, uzakwenu unguzakwethu, futhi ulwela into eyodwa nawe.

“Ngakho-ke, uma ungalitholi ithuba lokudlala, akukhona ukuthi uzakwenu nguyena ovimba ithuba lakho. 

“Uma uqala ukulwa nozakwethu, uzogcina ucekele phansi osukwakhe iminyakanyaka. Uma ufuna ukuba umholi, kufanele uzidele.

“Mina bengikwi-Orlando Pirates, bengiya eqenjini lesizwe, ngibuye eqenjini lesizwe ngingadlali, kodwa iqembu belihlale libaluleke kakhulu kunami.”