
Ngabe iPrates isizilungiselela impilo ngale kukaRiveiro?
- Intatheli yeLISENETHINI
UJose Riveiro ujoyine i-Orlando Pirates ngoJulayi ka-2022, wafika namaphini akhe, uSergio Almenara noMichel Bellver.
Yize beqale kahle, womabili amaphini akhe ashiyile ngokwehlukana ngenxa yezizathu ezahlukene kodwa ezithinta imindeni yabo. Lokhu kushiye uRiveiro ethembele kuMandla Ncikazi.
Muva nje, uRiveiro uhole iPirates inqoba isicoco sayo sesithathu kulandelana seMTN8, kodwa bekungeyona nje impumelelo ejwayelekile kuye.
Ngesikhathi kukhala impempe yokuqeda umdlalo, uRiveiro wachiphiza izinyembezi.
“Lezi bekungezona nje izinyembezi zenjabulo kodwa bezihambisana nokufezekiswa kokuzidela kwakhe,” kusho iPirates esitatimendeni kuleli sonto.
Lo mqeqeshi waseSpain usehlale iminyaka emibili engasitholi isikhathi esanele sokuba nomkakhe nendodakazi yakhe encane.
“Ukugqilazeka kwengqondo ngenxa yokusebenza kude nomndeni, okuhlanganiswe nezidingo ezingapheli zokuqeqesha ezingeni eliphezulu, bekuzobaphula emoyeni abaningi.
“Nokho uRiveiro ubekezelile, eqhutshwa wumsebenzi omkhulu anawo eqenjini nakubalandeli balo,” kwengeza iPirates.
Ibe seyiveza ukuthi lo mqeqeshi unikwe isikhathi sokuthi ayobona umndeni wakhe eSpain njengoba kuyikhefu lemidlalo yeFifa nje.
Amaphini akhe ashiye iPirates ngenxa yobunzima bokungabi seduze nabathandekayo kubo.
Manje kunokwesaba ukuthi uRiveiro angase ahambe ngezizathu ezifanayo.
Njengoba sekusele izinyanga eziyisishiyagalombili kuphela enkontilekeni yakhe, ikusasa lakhe aliqinisekisiwe.
Uma iPirates ihluleka ukunqoba isicoco seBetway Premiership, ingcindezi ingase yenze kube lula kuye ukuthi ahambe.
Nokho abadlali abafana noRelebohile Mofokeng bamnxuse ukuthi ahlale. “Siyamfuna lapha. Ushintshe izinto eqenjini,” kusho uMofokeng.
Ukunqoba iMTN8 kwaba umzuzu omkhulu kuRiveiro, kodwa izivivinyo zangempela ziseza.
IPirates isazolwela isicoco sePremiership, eseCarling Knockout, eseCaf Champions League neseNedbank Cup kule sizini.
AmaBhakabhaka agcine ukunqoba isicoco sePremiership eminyakeni engu-13 edlule. Kulindelwe lukhulu kuRiveiro ukuqeda leso somiso.
Ingcindezi inkulu, kodwa ukuzinikela kukaRiveiro sekumenze angaconsi phansi kubalandeli bePirates.
Izinyathelo zakhe ezilandelayo zizobumba ikusasa lePirates nomlando wakhe ebholeni laseNingizimu Afrika.
