AmaZuluEzintsha

Sidalula okuyikhona okucike uZungu ngoMartin kuMaZulu

Ngaphezu kokuphikwa yimiphumela, into exoshise uPablo Martin kuMaZulu FC wukuthi abaphathi bebengaboni inqola ibhekeni ngaphansi kwesandla sakhe. 

UMartin uxoshwe ekuqaleni kwesonto elidlule, kanti sekungene uVusumuzi Vilakazi no-Arthur Zwane esikhundleni sakhe. 

UVilakazi noZwane bazoqeqesha ngokubambisana kuleli qembu, kanti kuvela ukuthi bathathelwe umlando wabo nabadlali abasebancane.

UMthombo weLisenethini ozazi zonke ezangaphakathi kuleli qembu laseThekwini uveze ukuthi uMartin nephini lakhe u-Aitor Van De Brule bahlulekile ukusebenza ngabadlali abancane. 

“Inkinga enkulu wukuthi bebengayizwa eyabadlali abaqhamuka enkulisa yaMaZulu,” kusho lo mthombo. 

“Kodwa kade befuna abadlali abanamagama amakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika nangaphandle kwaleli.” 

Kuzokhumbuleka ukuthi umbono kamengameli woSuthu, iSandile Zungu, wukubumba iqembu elizobe seliqotha kwasani ngo-2032. 

Leli qembu wathi kumele lisekelwe ngabadlali abancane abadabuka KwaZulu-Natal, ukuqhakambisa imvelaphi yeqembu. 

Lo mthombo uthi AmaZulu anabadlali abaningi abenekhono eliyisimanga abaduve emaqenjini o-Under17, Under-19, no-Under 21. 

“Kodwa uMartin nephini lakhe bahlulwe wumsebenzi  wokuhlanganisa abadlali abancane nabadala. 

“Kugcine ngokuthi bazidalele amazinyo abushelelezi kuZungu ngoba bekungenzeki lokhu akufunayo,” kuqhuba lo mthombo.

UZungu kuthiwa uvuke ebuthongweni ngokubona uLangehlile Phili esegila izimanga kwiStellenbosch FC ekubeni kade engadlali Osuthwini. 

UPhili ushiye Usuthu ngoba ekhala ngakho ukuthi akaliboni kahle ikusasa njengoba abadlali abancane begcina ngokujima kuphela. 

Njengamanje eqenjini loSuthu kunabadlali abanjengoMsindisi Ndlovu oshisayo kodwa ongadlaliswa noSenzo “Mbobho” Ndlovu waseMtshezi ongalibheki ipali. 

Ithemba manje selikuZwane noVilakazi ukuthi bazobathemba abadlali abasebancane kwazise banomlando sokusebenza ezinkulisa. 

UZwane uphathe isikhathi eside eqenjini leDStv Diski Challenge kwiKaizer Chiefs, uVilakazi naye wayesesikhundleni esifanayo kwiGolden Arrows.