EzintshaKaizer Chiefs

Lebese: Okwenza ngichayise kabuhlungu iKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs yayibekele uGeorge Lebese imali elinganiselwa ku-R230 000 ngenyanga etafuleni, kodwa yena wakhetha ukuhamba ngo-Agasti 2017.

Okumangaza kakhulu wukuthi iholo ayeyolihola kwiSundowns lalilincane kunaleli ayelibekelwa yiChiefs.

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide, uLebese uvumile ukuthi unomuzwa wokuthi wayiphoxa kakhulu imenenja yeChiefs uBobby Motaung. 

“UBobby nguye owangilanda elokishini eMamelodi. Ngisayikhumbula ingxoxo yethu yokugcina. 

“Wabeka inkontileka yokuvuselela phambi kwami, kodwa ngamtshela ukuthi ngeke ngivuselele,” kusho uLebese.

Lo mphathi weKaizer Chiefs washaqeka ngalesi sinqumo, futhi uGeorge Lebese usayikhumbula kahle indumalo eyayisebusweni bakhe ngaleso sikhathi.

“Ngiyabukhumbula ubuso bakhe ngaleso sikhathi. Wayengazitsheli ukuthi kungenzeka,” kwengeza uLebese.

Uma ebheka emuva, uthi uyazisola ngendlela izinto ezenzeka ngayo. Phela kwiSundowns wafike waphenduka ifenisha. 

“Ngangilokhu ngixolisa. Ngaze ngamthumelela umyalezo emasontweni amabili kade ngiqeda kusayina kwiSundowns,” kuqhuba uLebese.

Yize iChiefs yayimbekele inkontileka engcono, uLebese uthi kwakunezinye izizathu ezamenza waqoka ukuya kwiSundowns. 

“Kwakungeyona imali nje kuphela,” kusho yena. Uchaze wathi wayebona ukuthi isikhathi sokudlala sasizoba sincane ngenxa yobudlelwano obungebuhle nomqeqeshi wangaleso sikhathi uSteve Komphela.

“Ngabona ukuthi ngeke ngidlale,” kuvuma yena. Uphinde waveza ukuthi nemenenja yakjhe yayimhleli entanyeni futhi usola ukuthi kukhona eyakuthola eceleni. 

“Nganoma yisiphi isizathu, ngicabanga ukuthi kukhona okwengeziwe ayekuthola ngale kolunye uhlangothi (kwiSundowns),” kusho uLebese.

Esinye isici kwaba wukuthi wayevele kade engumlandeli weSundowns kusukela esemncane, efisa ukudlala kuleli qembu. 

“Ngangifuna ukujabulisa umndeni wami. Kwakuyinto ebukeka iyinhle ngaleso sikhathi,” kuchaza yena.

UGeorge Lebese, manje oneminyaka engama-36, ugcine ukudlala ibhola elikhokhelayo ngo-2020. Uthi manje usegxile ekubeni ngumhlaziyi webhola.