Selijike umqondo elase-Egypt ngohalela yiChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
Iqembu lase-Egypt, iPyramids, selinqume ukumgcina umgadli walo odabuka eCongo, uFiston Mayele, lishwebisa abemfisa.
Izinkunzi zakuleli, iKaizer Chiefs ingelinye lamaqembu abalwa kulawo abemfuna lo mgadli.
IChiefs ibizimisele ngokwengeza uMayele esikwatini sayo kodwa iPyramids kubikwa ukuthi isikubeke kwacaca ukuthi akasadayisi.
Imibiko yaphambilini ibiveza ukuthi iPyramids ingase ivume ukudayisa lo mgadli uma kuvela abaphethe imali elinganiselwa ku-R27 Million
Kodwa njengoba lo mgadli esesefomini emangazayo muva nje, ikilabhu isijike ukucabanga yathi ngeke isemukela zicelo ngaye.
UMayele ungumdlali umqeqeshi omusha weChiefs, uNasreddine Nabi, azimisele ngaye njengoba ebheke ukwakha kabusha iqembu lakhe.
UNabi noMayele banomlando wempumelelo bendawonye kwizikhondlakhondla zaseTanzania, iYoung Africans, lapho bakha khona ubudlelwano obuqinile.
Njengamanje, uMayele ungomunye wabadlali abagqamile kwiPyramids, futhi unezibalo ezincomekayo.
Kule sizini, useshaye amagoli angu-10, wakhela ozakwabo amane engu-15.
Isinqumo sePyramids sokugcina uMayele sikhombisa inhloso yayo yokugcina ithalente layo eliphezulu, yize amanye amakilabhu enentshisekelo.
OLUNYE UDABA: UHeric ukhala ngosihlalo owamphehlela amanzi amnyama
KwiChiefs lokhu kusho ukuthi izodinga ukubheka kwenye indawo ukuze iqinise kubagadli bayo.