
Kuvuka umunyu ku-Itumeleng Khune ngeyeBafana noMokoena
Imhlezi kabi u-Itumeleng Khune eyokuthi iBafana Bafana ihlalele ovalweni lokuthi ingase iphucwe amaphuzu emkhankasweni wayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Lokhu kungemuva yize kubikwa ukuthi iLesotho ikhethe ukungasifaki isikhalo ngeSafa, isimo sisangayijikela iBafana.
IFifa isengaluphenya lolu daba kanti uma itholakala inecala, iBafana Bafana izophucwa amaphuzu eyawathola ngokunqoba kwayo ibhekene neLesotho.
Manje owayengunozinti weBafana Bafana neKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune usenxuse labo abathintekayo ukuthi baziphendulele futhi baxolise esidlangalaleni ngale nsambathela yechilo.
Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lephule imithetho ngesikhathi lidlalisa umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena libhekene neLesotho muva nje.
Lokhu kwenzeke yize kuthiwa lo mdlali ubeqoqe amakhadi amabili aphuzi emidlalweni edlule, okumenze wamiswa kulo weLesotho.
ILesotho FA yaluphakamisa ngokushesha lolu daba, yabeka ukunqoba kweBafana ekuzuze kanzima namaphuzu ayo engcupheni.
Lesi simo sihambisana sesifanayo iBafana Bafana eyabhekana nayo emkhankasweni wokuhlungela i-Afcon ka-2011 futhi u-Itumeleng Khune usikhumbula ngathi esayizolo.
Ngaleso sikhathi, abadlali nabalandeli babegubha ngemuva kokudlala ngokulingana neSierra Leone, bekholwa ukuthi baphumelele ukungena kwi-Afcon.
Kodwa-ke, imithetho yangaleso sikhathi — eyayithi kubhekwa ukuthi amaqembu adlale kanjani, hhayi isibalo samagoli yaweza iNiger.
U-Itumeleng Khune ukhumbule leso sikhathi esibuhlungu, ezwakalisa ukukhungatheka ngamaphutha eSafa agqilaza umsebenzi weBafana Bafana.
“Sagiya saqephuza eNelspruit sicabanga ukuthi singenile kwi-Afcon,” kukhumbula uKhune engxoxweni abe nayo neSoccer Laduuma kuleli sonto.
“Kodwa sabuye sathola ukuthi kunothile kwiSafa ongazange awenze umsebenzi wakhe wokubheka izincwadi ezazothunyelwe yiCaf noma yiFifa zicacisa ngemithetho yale midlalo.
“Namanje kuvuka uhlevane uma ngikhumbula leso sikhathi ngoba kuvuka umunyu kimi.
“ISafa kufanele icele ulwazi olunjalo kusenesikhathi futhi yazise abadlali ngaphambi kokuthi bangene enkundleni ngezinto ezinjengalezi.”
UKhune ugcizelele ukuthi kudingeka kube khona olibambayo leli phutha lakamuva, futhi avume ukuthi iphutha lakhe bese exolisa.
“Ngeke sikwazi ukuqhubeka sithatha izinyathelo ezingu-10 ukuya phambili bese siphinde sithathe ezingu-20 ezibuyela emuva,” kuchaza uKhune.
“Kukhona umuntu okufanele azibophezele ngaleli phutha futhi athi esizweni, ‘Ngiyaxoolisa ngokuhlinzela iqembu lesizwe ezibili ngokuliqola amaphuzu amathathu’.”
Yize isanda kunqoba kwiLesotho neBenin, futhi iqhwakele kuGroup C iBafana, umkhankaso wayo usengcupheni ngenxa yodaba lukaMokoena.
UHugo Broos, umbeke ngaphandle uMokoena emdlalweni weBenin, futhi wenqabile ukuphawula ngalolu daba.
Uma iFifa inquma ukulahla iNingizimu Afrika, leli qembu lingase libhekane nokuphucwa amaphuzu, okungabeka engcupheni amathuba alo okungena eNdebeni yoMhlaba.
