Bafana BafanaEzintsha

Kuvela okwenze iBafana ‘ibaleke’ ngemuva kwehlazo leKenya

IBafana Bafana iphume kuleli sengathi iyahujwa ngemuva kwehlazo lokubambana ngo 2-2 neKenya emdlalweni wokuhlungela i-Afcon ngoLwesihlanu. 

Ngemuva kwamahora ambalwa kuphele umdlalo, iBafana yabe seyisesikhumulweni sezindiza.

Ifulethele elakuleli ngo-1 ezintathakusa zangoMgqibelo, yatheleka kwelaseKenya ngokusa ngabi-6 ekuseni. 

Yashiya ngemuva lezi zimbangi zayo ezayijikela esiswini njengotshwala e-Orlando Amstel Arena ngoLwesihlanu. 

Manje umqeqeshi, uPitso Mosimane usechaze ukuthi yini eyenze bangabe besachitha sikhathi ngemuva komdlalo, kodwa bavele balibangise eKenya.

Uthi iqembu liphume eNingizimu Afrika ngendiza yokuqala etholakalayo, ngenhloso yokuthola isikhathi esanele sokuzilungiselela.

“Into ebingcono kakhulu wukuhamba ekuseni kakhulu. Indiza yokuqala ebesingayithola ebiphuma ngo-1 ekuseni eNingizimu Afrika,” kusho yena.

“Kuse sesifikile, cishe ngabo-6 ekuseni. Bekunzima ngoba asilalanga ngemuva komdlalo.

“Bekufanele sihambe, kodwa kungcono ukuzakhela usuku olwengeziwe lokuzilungiselela.”

Uthi abadlali bachithe usuku lwangoMgqibelo bephumule ehhotela njengoba bebekhathele emzimbeni nasengqondweni.

“Balale cishe usuku lonke. Sonke besikhathele, ngenxa yomdlalo – ngokomzimba nangokwengqondo. 

“Asiwutholanga umphumela ebesiwufuna, ngakho bekubalulekile ukuphumula nokuvuselela amandla,” kuchaza lo mqeqeshi.

UMosimane uthi ujabule ngesimo sezulu saseNairobi, njengoba bekunomoya obumnandi kunokushisa abekulindele.

Uthi i-Bafana Bafana isiqalile ukulungiselela umdlalo, futhi ayifuni ukusebenzisa isimo sezulu njengezaba.

IBafana bazobhekana neKenya eNairobi ngoLwesibili emdlalweni osekuzomele iwunqobe nakanjani.