
Kuvela okusheshe kwabuyisa uDe Reuck phesheya
URushine De Reuck usebuyile kwiMamelodi Sundowns. Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-29 ubudala ubebolekiswe eqenjini lase-Israel.
Kodwa manje usebuye ngokusemthethweni yize iqembu abebolekiswe kulo, iMaccabi Petah Tikva ingakayiqedi isizini yayo.
URushine De Reuck uchithe ingxenye enkulu yesizini ka-2023/24 elulama ekulimaleni okumhlalise ngaphandle isikhathi eside.
Uqale le sizini kuthembisa ukuthi uzobuyela emgqigqweni wakhe, wadlala imidlalo emihlanu ngaphambi kokuthi acele ukubolekiswa ngoJanuwari.
Ukufuna kwakhe isikhathi somdlalo kumholele e-Israel, lapho asheshe wazinza khona waqala imidlalo emine emidlalweni eyisithupha.
Nokho lo mdlali wasemuva weBafana Bafana kudingeke ukuthi asheshe abuyele ekhaya kulandela isimo sezempilo esingesihle.
Ube nenkinga yezinyo ebelidinga ukuthi agcine ehlinziwe, waqoka ukuba lokho azokwenzela ekhaya eseduze nomndeni.
Omele i-SSG, inkampani emphethe, usiqinisekisile isizathu sokubuya kwakhe sinngakapheli isikhathi sakhe phesheya.
“Yebo, uRushine ubuyile. Wabuya ngoba edinga ukuhlinzwa ngenxa yenkinga yezinyo,” isikhulu se-SSG sitshele iKickOff.
Iqembu abekulo, iMaccabi Petah Tikva isaqhubeka nokudlala njengoba idlala imidlalo yokuhlungela ukucika izembe.
Nokho lempi sekumele iyibambe ngaphandle kwakhe njengoba yena esebuyele kwiSundowns ngokusemthethweni.
Yize siphele engalindele isikhathi sakhe phesheya, kuvela ukuthi uRushine De Reuck usijabulele kakhulu isikhathi asihlale e-Israel.
Njengoba eseluleme manje, usezogxila ekubuyeleni eqenjini kwiSundowns ukuze kufike isizini ka-2025/26 esekulungele ukudlala.
Nokho kungenzeka aphinde abolekiswe nangesizini ezayo kwazise iSundowns inenqwaba yezitobha kanti nebezilimele – njengoMothobi Mvala – seziluleme.
